BAKHALA ngomphathi wesiteshi somsakazo womphakathi iNanda FM, abathi ubaphethe ngesandla sensimbi, ubajezisa ngamaholo, uma ecikekile ubaholela inyanga isigamenxe.
Bakhala nangokuthi baholelwa amaholo ehlukene yize benza umsebenzi olinganayo futhi ofanayo.
Omunye wabasakazi uveze ukuthi sebeqala ngisho ukuxabana bebodwa ngaphakathi ngendaba yamaholo njengoba kukhona abahola uR500, R750, R1500 abanye bethola oR2 000 bese kuba nabafihlayo ukuthi bahola malini, okusolwa ukuthi bona bayikha ngamavosholo.
“Uma uke wakhononda ngeholo, uthenjiswa ukuxoshwa noma ungaphinde uholelwe,” kusho omunye wabasakazi.
Uqhube wathi kuwumkhuba ojwayelekile ukuthi uma umphathi siteshi ecikekile, ajezise abasakazi ngokuthi bangawatholi amaholi ngosuku lomholo.
Ethintwa ngalezi zinsolo uMphathi siteshi uThandeka Ngobese, uthe awukho umholo oqondile kubasakazi, babanikeza imali ngokubheka ukuthi bahlala kude kangakanani nomsakazo.
“Isiteshi asinayo imali ehlala ilinde ukuholela abasakazi. Sithembele kumasipala nasezikhangisweni. Sikhipha imali yokugibela hhayi imiholo.
Akekho umsakazi ongakhuluma ngendaba yeholo ngoba bayazi ukuthi bazofunda,” kusho uThandeka.
Kuphinde kube nezinsolo zokuthi lo mphathi uyazitamuzela imali yesiteshi. Abasakazi bathi ngeledlule beyingekho i-internet nezingcingo zingasebenzi. Bathi kodwa umphathi ubeyongcebeleka eMauritius.
“Ngisebenzisa iselula ne-airtime yami ngoba i-internet nezingcingo akusebenzi, ezinye izindaba sizithatha emaphephandabeni,”kusho lo msakazi.
UThandeka uthe akulona iphutha lomsakazo ukungasebenzi kwezingcingo kudalwe ukwebiwa kwamakhebuli .
“ Angazi kungani bakhulume ngokuthi bengingekho ngoba kunesabelo semali ehlala kubasebenzi ukuze bakwazi ukuqhubeka nomsebenzi,”kusho uThandeka.
Omunye wabasakazi uveze ukuthi kuyinkinga ngisho ukusebenza ngokukhululeka ngoba akufanele bezwakale bekhuluma ngamanye amaqembu ezepolitiki emsakazweni.
“Umthetho walayikhaya noma bengawubeki ucace ukuthi ushaywa ubani kodwa akufanele ukhulume ngamanye amaqembu. Kumele kube i-ANC ngoba abaphathi bangaphansi kwayo.
Ngesikhathi kuzovotwa, i-EFF kuthiwa yakuthola lokho yaze yamqonda umphathi.
Kukhona nabangasasebenzi ngendaba yalezi zinkinga,”kusho lo msakazi.
Nakho lokhu ukuchithile uThandeka wathi banezithombe eziwubufakazi behlanganise amaqembu ezepolitiki ahlukene benza ingxoxo mpikiswano.