UKUNGAHLONISHWA komphathi wezinhlelo weVuma 103 FM uVusumuzi Shangase, kuholele ekumisweni kwabasakazi ababili emsebenzini. Isolezwe ngeSonto lihabule ngomthombo walo ongashayi eceleni ukuthi, ukungazwakali kukaJacinta Ngobese noLekomotion ohlelweni lwabo lwantambama ngeledlule yingoba bebemisiwe.
“Inkinga idalwe ukuthi laba basakazi bakhombise ukungamhloniphi umphathi wezinhlelo uVusumuzi. Ubebabizele emhlanganweni kukhona okubalulekile obekumele bakuxoxe, ngenxa yokuthi bekukhona obekungamphethe kahle ngabo ohlelweni lwabo lwantambama.
“Kuthe sekumele baye kulo mhlangano obekukholakala ukuthi bazoqondiswa kuwona izigwegwe, bavele abangafika futhi abamazisanga uVusumuzi. Kuvela ukuthi uJacinta uvele waya komunye umcimbi abehlele ukuya kuwona. Kuthe uma uLekomotion ezwa ukuthi uJacinta akayile kulo mhlangano, naye wangayingena eyokuya kuwona.
“Lokho kumcasulile uVusumuzi nokuholele ekutheni bamiswe ohlelweni lwabanjwa uLucky Sefatsa noSne Mkhize,” kusho umthombo.
Ebuzwa uVusumuzi ngokuziphatha kwalaba basakazi nokungamhloniphi, uthe laba abasho njalo kukhona lapho begeje khona.
“Kujwayelekile ukuthi uma kukhona umsakazi ongekho abanjelwe omunye. NakoJacinta noLekomotion kube yisimo esifanayo ukuthi babanjelwe. Belungeke uhlelo lusale lodwa ngenxa yokuthi abekho bona,” kusho uVusumuzi.
UJacinta uthe: “Asivumelekile ukuthi sikhulume nabezindaba. Ngicela ufonele abaphathi bami ubuze bona, bazokuchazela. Bekuyinto engatheni nje eyenze singabi khona kodwa ngicela ubuze abaphathi bazokutshela into eqondile.”
Umphathi kwezokumaketha kwiVuma 103 FM, uLydia Mtshali, uthe abasakazi bebesekhefini ngoba bebengasitholanga isikhathi sokuphumula ngesikhathi izwe likuthaqa.
Omunye umthombo uveze ukuthi kukhona ukungenami komunye umsakazi owayesigaqele lesi sikhundla sokuphatha izinhlelo kodwa owagcina engathathwanga.
Lesi sikhundla besiphethwe nguPatrick Bogatsu, osephethe izinhlelo kwiRise FM, eMpumalanga.
“Ngesikhathi ephethe izinhlelo eVuma FM, uPatrick ubelekelelwa uMakhosi Khoza (osekwiGagasi FM), Lekomotion noVusi Letsoalo.
“Kwabanye kube sekuba nomcabango wokuthi uma ephuma uPatrick, oyedwa wala madoda uzongena ezicathulweni zakhe nokuyinto egcine ingenzekanga. Njengoba lo msakazo waphumela ngaphandle ufuna * -Ernest Pillay, kodwa ongavumanga njengoba enomndeni eGoli.
“Kube sekuthathwa uVusumuzi ngenxa yemfundo yakhe,” kuphetha umthombo wengeze ngokuthi, yingakho kungathi akakutholi ukuhlonipheka uVusumuzi.