KUYAMANGALISA ukuthi bayabaleka abesifazane abashayela izinhlelo zango-6 ekuseni kuya ku-6 ntambama emisakazweni phakathi nesonto.
Uma kukhulunywa ngezinguquko emikhakheni ehlukene yokusebenza, imisakazo iyakhohlakala kanti nakhona ushintsho luyadingeka.
Abesifazane ubafica belekelela abesilisa ezinhlelweni zangalesi sikhathi, abavamile ukuzibambela bodwa. Isiteshi saseGoli i-947 kumele sibe yisibonelo nakwabanye ukuthi kuyenzeka ngoba u-Anele Mdoda ushayela uhlelo lwasekuseni bese kuthi ntambama kube nguThando Thabethe.
Ngiyakhumbula noNomfundo Clarissa ngaphambi kokuthathwa yiGagasi FM wayegijima nohlelo lwantambama kwiNanda FM.
Ngaphambi kokujoyina uMo Flava ohlelweni lwasekuseni phakathi nesonto kwiMetro FM, uKhutso Thelede ubeshayela olwantambama kwiYFM.
Kuyajabulisa futhi ukuzwa ukuthi isikhala sakhe eYFM sivalwe ngumsakazi wesifazane onamava, u-Ayanda MVP.
Kuyajabulisa kakhulu lokhu, sengathi neminye imisakazo ingakholelwa kubantu besifazane. Engikubona kuyinkinga nokho wukuthi abanye abasakazi baye basonge izandla, balinde ukuthi abaphathi bezinye iziteshi kube yibo abayobalanda lapho bekhona.
Abaphathi beYFM bayamazi u-Ayanda ngoba uke wasebenza khona phambilini. Angiboni kuyinto engenzeka kuwona wonke umuntu lena ngaphandle uma unegama. Kumele nabasakazi basukume bazazise kubaphathi bezinhlelo beziteshi abafuna ukuzisebenzela. Akubona bonke abasaphuma beyolalela ithalente kwezinye iziteshi. Abanye kumele balalelele izinhlelo zesiteshi sabo ukuze bezokhulisa abasakazi abangaphakathi ngokubalungisa amaphutha ngakho isikhathi sokuyolalela ezinye iziteshi sibuye singabi khona.
Ngisanda kukhuluma nomunye umsakazi nje engitshela ukuthi usefuna ukushintsha isiteshi aye kwesinye. Akaze enze lutho, ulinde ukuthi kube yiso lesi siteshi esizoza kuye sizomlanda. Ngimcebise ngokuthi ake athumele umphathi waso umyalezo, nangempela umphathi wajabula ngokuzazisa kwakhe, wathi usezomcabanga uma kukhona okuvelayo.
Kufuneka lokho. Noma usungaphakathi abaphathi abawazi amaphupho akho ukuze bengagcini ngokukwenzisa uhlelo olulodwa, bezokufaka nakwezinye uma sebenza izinguquko. Angikholwa wukuthi kunabafuna ukuze baguge becashe ekhwapheni labanye abasakazi, babe ngabasizi babo bafunde nokuphawula kwabantu ezinkundleni zokuxhumana.
Ungangibhalela [email protected], kuTwitter @FaneleBengu noma kuFacebook Fanele Bengu