ULinda "Mr Magic" Sibiya uzosakaza kwiGagasi FM ngoDisemba 31 ebusuku
Image: Sigciniwe
LUZOKWETHULWA wuLinda “Mr Magic” Sibiya, Felix Hlophe noSelbeyonce Mkhize uhlelo lokuhlukanisa unyaka ngoDisemba 31 kwiGagasi FM.
Lokhu kuqinisekiswe wumphathi wezinhlelo u-Alex Mthiyane ohlelweni lwasekuseni ngoLwesihlanu.
Kulezi zinsuku uMr Magic, owazakhela udumo oKhozini ngaphambi kokukhonjwa indlela ngo-2014, uwumsakazi oyisimenywa kwiGagasi.
Ungena noFelix noMinnie Ntuli ohlelweni iThe Uprising.
Indlela asakaza ngayo abanye abalaleli baphakamise ukuthi agcinwe unomphela noma anikwe ithuba lokwethula uhlelo lokuhlukanisa unyaka okuyinto ayeyenza esasoKhozini.
Ekuseni ekhasini leGagasi kuFacebook kufakwe isikhangiso sokuthi uma sithola ama-likes angu-10 000 bazocela ku-Alex ukuthi asakaziswe uhlelo lwangoDisemba 31.
Ama-likes agcine edlule ku-40 000 nebala uFelix wafonela u-Alex emcela.
UMinnie uthe ngeke akwazi ukuba yingxenye yohlelo ngoba usanda kuteta nokulotsholwa kwase kufakwa uSelbeyonce. “Thumbeza (Felix) uma kuwukuthi abalaleli bayaseseka ngeke sime endleleni yabalaleli bethu. Uma kuwukuthi niwuthole ngempela lo-10 000 wama-likes njengoba nisho nakanjani. Nakanjani! Ngakho uhlelo lokuhlukanisa unyaka njengoba uHlophe esho kuzoba uHlophe, Selbeyonce noMr Magic,” kusho u-Alex.
Related Topics: