UTHEMBISA abalandeli bakhe ulozolo kwi-albhamu yakhe yesibili ezophuma ekuqaleni konyaka ozayo uKarabo Mogane owadla umhlanganiso ohlelweni ama-Idols SA ngo-2015.
UKarabo uthe bese kuyisikhathi sokuthi akhiphe i-albhamu entsha njengoba agcina ngethi Love is a Verb ayikhipha ngo-2016.
Ekhuluma neSolezwe uthe selokhu awina kulolu hlelo izinto zimhambela kahle.
“Sekusele kancane ukuthi kuhlangane konke nge-albhamu yami. Kodwa unyaka uzothi uqala nje bese ngiyamemezela ukuthi izophuma nini.
Akukho okuhlukile kuyo njengoba ngiwumuntu ocula iR&B futhi abantu angingabazi ukuthi bazozijabulela izingoma abazozithola kuyo,” kuchaza yena.
Uthe uyabonga kuwona wonke umuntu omkhombise uthando kusuka kubalandeli bakhe ababehamba naye ohlelweni kuze kufike la akhipha khona i-albhamu.
“I-albhamu yami yokuqala yadayisa ubuthaphuthaphu,” kusho yena.
Uthe ingoma yakhe ethi Ngifuna Lo nayo yenza kahle kakhulu njengoba yadayisa kahle.
“Manje ngimatasa sinoMusa Sukwene noDonald njengoba sihambela amadolobha sinandisa ngezingoma zethu emcimbini esiwubiza ngeThe Gentlemen’s Tour. Sesihambele izifundazwe ezimbalwa nokuzothi uma kuqala unyaka size KwaZulu-Natal,” kusho uKarabo.