Zodwa Wabantu. Isithombe: Instagram

USEPHINDE wakususa futhi lokho unontandakubukwa wakuleli obuye abe ngumculi ongaphansi kwe-Afrotainmnent, uZodwa Wabantu.

Kulokhu ususe ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana efaka izithombe zakhe ekhombisa abalandeli bakhe ibhokisi lomngcwabo azithengele lona.

Ufake isithombe saleli bhokisi wathi akafuni ukuthi uma eseshonile abantu bethi wayedumile kodwa enganayo imali yomngcwabo.

“Ukufa. Abantu abantu abamnyama bayasaba ukukhuluma ngokufa. Ibhokisi lami libiza u150K (R150 000). Usuwulungiselele (umngcwabo) noma umndeni wakho usazobamatasa? Angifuni kuthiwe uZodwa Wabantu wayedumile manje akusekho mali yokumngcwaba,” ubhale kanje.



UZodwa ube esefaka ivideo emkhombisa engena kuleli bhokisi. Kube nokuhlukana kwemibono kubalandeli bakhe ngesenzo sakhe, iningi limgxeka.


[email protected] uthe: “Waze wazithengela ithikithi elibheke ezulwini.”

[email protected]_wazza ugxeke uZodwa wathi, “uMdali kumele akujezise...uhlekisa ngabafile.”

[email protected]_b_simani yena uthe: “iyona ndlela osufuna ukunakwa ngayo le Zodwa?”