UNONTANDAKUBUKWA wakuleli ongavumi ukuphuma ematheni, uZodwa Wabantu, usephonsele abesifazane inselelo yokuthi 'bavuselele' inanazi kodokotela.
UZodwa uveze lokhu enkundleni yokuxhumana u- Instagram ngesikhathi exilongwa odokotela bevuselela ukuqina kwenanazi yakhe.
Le ntokazi isidumile emakhasini ayo ezokuxhumana ngokucobelela ngolwazi abanye besifazane ezihlokweni ezihlukahlukene. Uke wabazisa ngezindlela zokuqeda ikiwi phakathi kwamathanga, okwashayelwa ihlombe ezinkundleni zokuxhumana.
Kulokhu ushiye abalandeli bekhexile efaka ivideo ku-Instagram exilongwa odokotela ephonsela abanye besifazane inselelo yokuthi nabo bavuselele inanazi yabo ngoba "uma sebengomama izinyama ziyathamba".
"Njengabantu besifazane uma sesike saba nabantwana siyaye sizwe ukuthi sekuthambile kwinanazi, kodwa angikhulumeli bonke abantu besifazane. Sesibone imibuzo eminingi abantu besifazane bethi inanazi yabo ayisaqinile, abanye bethi bazalwa benjalo," kusho oWabantu.
Ngokwephephandaba lase-United Kingdom i The Sun ukwenza lolu hlobo lokuxilongwa kubiza imali elinganiselwa ku-R100 000.
Ongoti baveza ukuthi ukwenza lokhu kuxilongwa kusiza ukubuyisa izinyama zenanazi ziqine, kunyusa nezinga lentokozo lapho ababili behlangana ngokocansi, kuphinde futhi kunciphise namathuba okuthola izifo ezihlasela inanazi.
Bahlukene phakathi abalandeli baZodwa ngevideo ayifakile.
U- @ Sbonathi uthe: Wena Zodwa uzoqeda lento ekuthiwa ihlazo kulo mhlaba! Lezinto ezenziwa ebumnyameni nasemfihlakalweni. Ngiyakuvuma!
U-@ tshepotlm uthe: Ngangingacabangi ukuthi ngiyoke ngibone osaziwayo bephelelwe izinto abangasibonisa zona ukuba sebengaze basibonise inanazi yabo ivuselelwa. Cha, sesikhathee manje.
View this post on Instagram
A post shared by zodwalibram(@zodwalibram) on Jul 17, 2019 at 7:10am PDT