INTOKAZI edume ngokungazishayi ndiva izinkulumo zabantu ngayo, uZodwa Wabantu, usephumele obala ngobunzima adlule kubo esakhula.
OWabantu ubekhuluma ohlelweni olwethulwa u-Enhle Mbali i Sincerely Yours olukhonjiswa kuYoutube . Kulolu hlelo oludlala kwi-channel yeTouchHD abesifazane baxoxa ngezinto ezithinta bona.
Ekhuluma kulolu hlelo oludidiyelwe nguTbo Touch no-Enhle Mbali, oWabantu uveze ubunzima adlula kubona ekukhuleni kwakhe nendlela abantu abebemgxeka ngayo. Uphinde wabhoboka nangezinto ayezenza ukuze athole imali ngemva kokubaleka ekhaya eneminyaka engu-16.
"Noma ngingaya kude kanjani empilweni noma ngingaba nezigidi kodwa ngeke ngiyishintshe indlela engiyiyona ngoba ngiyazi kukhona amantombazane abhekene nezinkinga ezifana nezami. Angifuni ukushintsha indlela engiyiyona ngoba le ntombazanyana ebhekene nezimo, ubumina bumele yona," kusho uZodwa.
%%%twitter https://twitter.com/enhlembali?ref_src=twsrc%5Etfw">@enhlembali #sincerelyyours team damn this episode is fire. I just watched it twice right now https://t.co/h575CV9FS6 pic.twitter.com/kFmFUeUOqp
— Tbo Touch (@iamtbotouch)
Lolu hlelo oseludlale kabili nje vo, seluzakhele udumo ikakhulukazi kubantu besifazane ngokubamba izingxoxo ngezihloko iningi elesabayo ukukhuluma ngazo. Ngeledlule kwakukhona uDJ Zinhle owagonyuluka ngokwamenza wabuyelana noyise wengane yakhe, umrepha u-AKA. Ababukeli balo basala behlukene phakathi ngemibono ngokwakuxoxwa ngakho, abanye besola u-Enhle ngokubuyisela uZinhle emuva kanti abanye bakubona kubalulekile ukuthi abesifazane bakhulume ngezinto ezifana nalezi.