UYISE kaBabes Wodumo, uMfu Welcome Simelane, uthuse abantu abaningi elingisa kwi-video yomkhwenyana wakwakhe, uMandla "Mampintsha" Maphumulo.
USimelane ubonakala nomunye umlisa bebizwa nguBabes ukuba beze ngalapho kushuthwa ngakhona i-video yengoma kaMampintsha ethi ELamonti.
Ngaphandle kokuthi uSimelane yinceku kaNkulunkulu kodwa ulingisa engomeni yokujuxuza.
Kuzokhumbuleka ukuthi uSimelane wakhuluma kabi ngoMampintsha mhlazane eshaye indodakazi yakhe. Waze wabugxeka nobudlelwano babo futhi waze wasola uMampintsha ngokuthakatha uBabes Wodumo.
Ekhuluma neDaily Sun uSimelane uthe ukuvela kwakhe kwi-video yengoma kaMampintsha akuhlangene nokuthandana kwakhe noBabes Wodumo kodwa weseka indodakazi yakhe.
"Ngiyohlale ngimeseka uBabes. Ukumeseka kusho ukweseka nezinqumo nomculo wakhe. Ungumuntu wesifazane osekhulile. Ngeke ngamkhethela ukuthi ngubani okufanele abe yingxenye yempilo yakhe".
"Akusona isinqumo sami ukuthi uMampintsha uyingxenye yempilo yakhe noma qha. Umsebenzi wami ukweseka indodakazi yami. Yilokho nje," kuphetha uSimelane.
Buka amazwibela e-video enoyise kaBabes Wodumo: