USAQHUBEKA nokuliphakamisela phezulu ifulegi laseNingizimu Afrika usomahlaya wakuleli, uTrevor Noah, osezoba nohlelo kwisiteshi se-internet esibalwa neziphambili emhlabeni, iNetflix.
NgoMsombuluko ntambama lo somahlaya ekhasini lakhe ku-instagram umemezele ukuthi usezoba nohlelo kuNetflix oluzobizwa ngeSon of Patricia. Uthe lolu hlelo luzoqala ukukhonjiswa ngoNovemba 20 nonyaka.
UTrevor Noah, ongumethuli weThe Daily Show ekhonjiswa kuComedy Central, uzoba ngomunye wosomahlaya abambalwa abazoba nezinhlelo zabo kulesi siteshi. Kwabanezinhlelo zabo kuNetflix kubalwa uDave Chappelle (ozobe enandisa kuleli ekupheleni kuleli kusukela ngoNovemba 27 kuya ku Disemba 5) noChris Rock. Ngaphandle kweNetflix, esinye isiteshi se-Internet iShowmax naso sikhombisa uhlelo luka Noah olubizwa ngeNationWild.
Umfo ka Noah zimuhambela kahle izinto ezweni laseMelika kwazise nyakenye uhlabane ngendondo yakhe yokuqala kuma-Emmy Awards, yeBest Short Form Variety Series ngeThe Daily Show: Between the Scenes evela kakhulu kuYouTube.
View this post on Instagram
A post shared by Trevor Noah(@trevornoah) on Oct 22, 2018 at 6:01am PDT