UBONGA uyanconcoza umculi weGqom' waseThekwini uTipcee kulandela ukuthenga isithabathaba somuzi.
UTipcee sekuneminyaka engelinye lamaciko asebenza ngokuzikhandla ngaphansi kwesitebele neScathulo okuyiculo alishaya noBusiswa. Nyakenye uze kabi ededela iFakaza, kanti imisebenzi yakhe isiqalile ukuthela izithelo.
Izolo ku-Instagram ufake ivideo emfishane ikhombisa ubhazabhaza womuzi awuthengile, ihambisana nombhalo ebonga bonke abamsizile ukuthi afeze leli phupho.
"Ngicela ukuthatha lelithuba ngibonge kuMdali ngokungipha amandla okuthenga lo muzi, ngibonge kumphathi wami uDJ Tira ngokungipha ithuba lokuveza ikhono lami wangifaka e-Afro wangenzela izinto ngyabonga. Ngibonge imenenja yami uSenzo ngokuqinisekisa ukuthi ngiyanandisa, ngiyaqopha nokuthi zonke izinto zami zihlangene. Bantu bami, ngiyabonga ngokungeseka nokuthenga umculo wami," kuloba uTipcee.
Sekwaba yinjwayelo kuleli ukuthi amaciko ahlale ekhunjuzwa ukuthi atshale imali yawo ngendlela ukuze agweme ukuba sesimeni esibi sezimali uma ingasangeni imali ngomculo. Muva nje, amaciko kuleli awazitheli ngabandayo uma kuziwa ekuthengeni imizi njengoba amaciko okubalwa kuwo uCassper Nyovest, DJ Shimza noHeavy K bekhombisile eminyakeni edlule.
View this post on Instagram
A post shared by Thobeka Ndaba(@tipcee_) on Aug 14, 2019 at 12:49am PDT