USEFUNA ukubekelwa umbhede esiteji uma ezocula iJaiva Phezu Kombhede ehamba yedwa, uNtando Duma opikwe uBabes Wodumo kuleli culo.
Le ntokazi engumethuli wohlelo iGqom’ Nation kwiMTV Base iveze ukuthi umbhede ngezinye yezinto ezifunayo uma iqashwa emcimbini.
Uthe ubone kungcono ukuthi adanse phezu kombhede ngempela uma ecula leli culo.
“Ngithathe lesi sinqumo ngemuva kokubona ukuthi abantu bayangiqasha ukuthi ngizocula leli culo emcimbini wabo. Ngibone ukuthi ngizoba nenkinga uma uBabes engekho esiteji. Kungcono uma kukhona uBabes ngoba ungumdansi, uyakwazi ukubamba abalandeli iculo liqala lize liyophela,” kusho uNtando.
Uthe uma ehamba yena angagcina esephelelwa ukuthi enzeni esiteji, okungagcina sekucasula abalandeli bakhe.
“Angiculi nje ngaphandle kombhede. Umuntu ongiqashayo ngiyamtshela ukuthi angilungisele umbhede omkhulu angizokwazi ukugxuma kuwo, ngidanse. Ngiyaye ngimtshele ukuthi alungise nezigora ezimbili ezizongiqubula ngoba ngingena esiteji sengivele ngihleli phezu kombhede,” kusho uNtando.
Uqhube wathi uqale ukukwenza lokhu ngoFebhuwari nonyaka ngemuva kokubona ukuthi abantu bayakuthakasela.
USEBEKELWA umbhede esiteji uma ezocula iJaiva Phezu Kombhede ehamba yedwa uNtando Duma opikwe uBabes Wodumo kuleli culo. Video:INSTAGRAM/DUMA NTANDO
Uveze ukuthi wafaka i-video yakhe ese-studio kolunye uhlelo lwakuMzansi Magic edansa phezu kombhede ngesikhathi ecula.
“Kusukela lapho abantu baqala bangifonela befisa ngizocula emcimbini yabo.
"Babengibuza ukuthi ngizoza nawo umbhede noma bangilungisele bona. Anginawo umbhede engiwubekele ukucula kodwa uma umuntu efuna ngifike nawo, ngingafika nawo, uma ezowukhokhela.
"Abahleli bemicimbi ibona abangitholelayo umbhede,” kusho uNtando.
Uthe akawufuni umbhede omncane noma othambile ngoba sekuke kwenzeka kweminye yemicimbi umbhede waphuka ngesikhathi esazilungiselela ngaphambi komcimbi.
Umbhede okhala amatseketsege nawo uthe uyawubonga ngoba akayifuni into ezomphazamisa esiteji.
Uzwakalise ukubonga kubantu ngokumamukela ngezandla ezifudumele njengoba umculo kwakuyinto ekude naye ngaphambi kokuthi apikwe uBabes kule ngoma ebishisa izikhotha ngonyaka odlule.
Emcimbini iTownship Enterprenuership Awards obuseCarnival City eGoli ngenyanga edlule uNtando ungene esiteji equtshuliwe, ephezu kombhede.
Le video uyifake ekhasini lakhe ku-Instagram @DumaNtando, omunye umcimbi angene kuwona nombhede owango-Agasti 5 iSoweto’s Finest.