USBAHLE Mpisane, owaba sengozini yemoto enyantisa igazi ngo-Agasti 9 nyakenye eThekwini, uthe akakafuni ukukhuluma ngesimo sakhe okwamanje.
USbahle, ozakhele udumo ngokujimisa abantu, wayehamba ngemoto yakhe iBMW 4 Series Convertible ngesikhathi ehlelwa yingozi emgwaqweni uMargaret Mncadi Avenue (Victoria Embankment).
Amaphoyisa athi asola ukuthi imoto yashayisa yase igqamuka amalangabi ngaseMtateni nokwaphoqa ukuthi abezimo eziphuthumayo basebenzise izindlawu ukukhipha uSbahle emotweni.
Le ntokazi ikhuluma naleli phephandaba izolo ekuseni ithe iqhuba kahle.
“Ngiyalulama,” kusho yena ngomoya ophansi.
Uqhube wathi akakulungeli ukuchaza kabanzi ngesimo sakhe.
“Angicabangi ukuthi sekuyisikhathi esikahle sokukhuluma kakhulu okwamanje kodwa kona ngiqhuba kahle,” usho kanje.
Ekhasini lakhe le-Instagram ubhale ukuthi: “Ngemuva kokuphaphama kwi-coma ngangisezinhlungwini eziyisimanga. Kwakuyisikhathi esinzima emndenini wami nabangani kodwa bakhetha ukungilwela. Ngaphandle kwethemba labo ngabe angikho lapha namhlanje. Ngibusiswe ngethuba lesibili.”
View this post on Instagram
Thank you my friend @yolanda_sokhela for helping me workout today 💪🏽 we did so well
A post shared by FitnessBunnie(@sbahle_mpisane) on Jan 7, 2019 at 3:25am PST
USbahle wangeniswa egunjini labagula kakhulu esibhedlela nokuthe uma eselulama waqhubeka wahlala izinyanga ezine njengoba eze waphuma ngoDisemba.
Uyise, uSbu Mpisane, wayesebeke ithemba lakhe kuMdali njengoba wayelokhu ecela abantu ukuthi babakhulekise futhi ebabonga ngokubeseka.
Kumanje le ntokazi isibuyelile ejimini ukuyozivocavoca, nokuyinto ezifelayo ngayo. Uhamba ngesihlalo esinamasondo kwazise emlenzeni ngaseqakaleni akakapholi ngokugcwele.
View this post on Instagram
A post shared by FitnessBunnie (@sbahle_mpisane) on Dec 23, 2018 at 7:34am PST