BABES WODUMO

INTANDOKAZI yomculi weGqom’, uBabes Wodumo izwakalise ukunengeka itshelwa ukuthi ayehlise umsindo ngesikhathi isesikhumulweni sezindiza.

Kwivideo esabalale ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesithathu ekuseni uBabes ukhalaze ‘ngomlungu’ othe ‘sshhh’ kuyena nalabo abehamba nabo.

“Ulokhe ethi shhhh sssshhhh, yini ushhhh? Angasijwayeli ama….(esho igama elilumelayo) sizom….(esho igama elilumelayo) ngempela ke. Angalinge azosidakelwa. Uthi sshhhh, haibo!” kubabaza uBabes.

UBabes uqhube wabingelela abalandeli bakhe wabe esechaza ukuthi unengwe ukuthuliswa kwakhe nabehamba nabo ngathi bayizinkukhu.

“Uma sikhuluma umlungu uyasithulisa uthi sshhhh phambi kwabantu, manje kumele silalele yena ukuthi uthini?”

UBabes kulezi zinsuku umatasa nemicimbi njengoba sekuyisikhathi semicimbi ehambisana nenyanga kaDisemba.