ZODWA WABANTU. Isithombe: Ayanda Ndamane/African/news/agency ANA

ZIZOMBUKA kuthelevishini maduze uZodwa Wabantu izinkumbi zabantu ezizifelayo ngalo nontandakubukwa odume ngokunandisa ngemidanso yakhe emcimbini yezokungcebeleka kuleli.

UZodwa sekunesikhathi ekhuluma ngohlelo lwakhe oluzoba kuthelevishini agcine eliqinisekise ngesonto eledlule.

Manje usekhombise abalandeli bakhe ezinkundleni zokuxhumana amavideo awugabigabi walolu hlelo oluzokhombisa ababukeli olunye uhlangatho lwalentokazi.

Komunye ugabigabi uZodwa uveze ukuthi umethuli wezinhlelo ophinde abe umlingisi, uPearl Thusi, naye uzovela kulolu hlelo olubizwa ngeZodwa Wabantu Uncensored.

Lolu hlelo luzoqala ukukhonjiswa kuMoja Love ngo-Ephreli 2.