KUPHELE ukwazi kwimbongi yeGcokama Elisha, uMphako efike isihamba ngamadolo kuSolwazi 3Seconds izoxolisa ngokumehlisa isithunzi ngokuthi ingezi eyibize ukuthi izoxolisa ngokuthuka omaskandi ezibongweni.
UMphako kuthiwa ubengasabulali ubuthongo ephupha uSolwazi 3Seconds emgwaza ngobhoko ebuza ukuthi kungani engamhloniphi.
Ethintwa uMphako uvumile ukuthi isimo besinzima kuyena ngemuva kokuthatha kancane umyalelo kaSolwazi 3Seconds ebabizile.
“Ngenza iphutha kuMkhulu 3Seconds ngokungezi esibizile ngalibala ukumdelela ezinkundleni zokuxhumana ngithi ngeke ngidlale yena. Ngemuva kwalesi senzo sami impilo ibenzima ngilokhu ngimphupha efika kumina egqoke umqhele wakhe engigwaza ngobhoko. Nethelevishini bengingasakwazi ukuyibuka ngoba bekuvele kube sengathi uvela kuyona,” kusho uMphako.
UMphako unqabe ukuza emzini kaSolwazi 3Seconds ngesikhathi embize neGcokama Elisha ukuthi bazoxolisa nge-albhamu ekhishwe yilo mculi iDog Style.
USolwazi 3Seconds uthe awukho umuthi awusebenzisile kodwa ushise impepho wakhala koyisemkhulu ngesenzo sikaMphako.
“Ufikile impela kumina ezoxolisa. Bengifuna ukuthi afike nokuthile azoxolisa ngakho emathongeni ami kodwa wafika engaphethe lutho. Yize bengicasukile kodwa ngoba anginayo inhliziyo embi ngimxolele kodwa ngamxwayisa ukuthi angaphinde adlalele kumina,” kusho uSolwazi 3Seconds.