Ezokungcebeleka

Bebephumile kuqoshwa iDVD kaMkokstad

Fanelesibonge Bengu|Published

UBECULA aze acele abantu ukuthi bacule naye uDumi Mkokstad ngesikhathi eqopha iDVD yakhe eHillcrest ngoMgqibelo ebusuku UBECULA aze acele abantu ukuthi bacule naye uDumi Mkokstad ngesikhathi eqopha iDVD yakhe eHillcrest ngoMgqibelo ebusuku

BEKUPHUME nesinedolo emcimbini wokuqoshwa kweDVD yesilomo somculi wowokholo uDumi Mkokstad eCity Hill Church, eHillcrest, ngoMgqibelo ebusuku.

UMkokstad, owangena emculweni esemncane, bekungokokuqala eqopha mahlanze iDVD.

Ngaphambi kokuthi angene esiteji inkundla ifudunyezwe nguzakwabo aqopha naye enkampanini iTop Class Productions, uJumbo, Betusile Mcinga noMphostoli uPhilani Gama neNCF Choir.

UJUMBO ungomunye wababhulele amazolo uDumi Mkokstad ngesikhathi eqopha iDVD eHillcrest

Uthe uSiya Mhlongo woKhozi FM engabiza uDumi esiteji kwaba nenhlokomo wabe eseqala ecula.

Ngesikhathi esecula ubeqhulula amanoni akhe adume ngawo okubalwa kuwo iMbize, Umthwalo, Igetsemane namanye.

Ubeshaya nezinye izingoma ezintsha kodwa abantu abebezicula naye ngenxa yokuthi izinhlamvu zazo bezibhalwa kobhazabhaza be-screen ababili abebesehholo.

Ucule isikhathi eside engakhulumi lutho ngaphambi kokuhlaba ikhefu ngabo-10 ebusuku.

Abantu bazwakale bengayithakaseli eyokuthi ahlabe ikhefu kodwa wahamba kunjalo. Ngesikhathi esanyamalele esiteji, abantu bazivalele ehholo ngenxa yamakhaza abeshubisa umnkantsha emnyango isizungu basichithiswa ngusomahlaya uSiyanda Maphumulo.

OSAZIWAYO abebekhona ngesikhathi kuqoshwa iDVD kaDumi Mkokstad kubalwa kubo uSthandwa Nzuza nomyeni wakhe uPhilani Gama no-Ayanda Ncwane Izithombe: NQOBILE MBONAMBI/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA)

Uthe engabuya uMkokstad ngabo-11 baphinde basukuma bama ngezinyawo ngoba ubuye ngengoma edansisayo ethi Umthwalo abeyishaya aze enze nemidanso yabantu abasha nobizwa ngomdlali weSupersport United, uThuso Phala.

Ubonge abantu nabezindaba ngokumeseka. UDennis “Nzonzo” Ntombela weHighway Radio ubesakaza bukhoma emcimbini.

Phakathi kwabebekhona kubalwa umsakazi woKhozi FM, uDudu Khoza nabanye.