KUZOSINA kudedelana abesifazane abacula umculo we-jazz, ozoba seDurban Exhibition Centre ngo-Agasti 4. Lo mcimbi uthulwe kwabezindaba eLangeni Hotel, izolo.
Lo mcimbi owaziwa nge-Imbokodo Jazz Festival okuzobe kungokwesibili uba khona nonyaka wethulwe kwabezindaba eLangeni Hotel, izolo.
Umsunguli walo mcimbi, uLunga Ngcobo, uthe ngawo bahlose ukuqwashisa ngezinto eziningi ezenzeka kubantu besifazane.
“Ngomunye wemicimbi lena esifuna ukhule unyaka nonyaka kodwa okukhulu ukuthi kunandise abesifazane bodwa asebezakhele igama kule ndima esikuyona. Iningi labazonandisa yizintokazi zakuleli kodwa ezinye esezizinze phesheya kwezilwandle,” kusho yena.
Uthe ngalo mcimbi bazophinde balwisane nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane.
“Sizothatha uR10 ethikithini ngalodwa elizodayisa ukuze siyonikela esikhungweni esisiza abantu besifazane abahlukunyeziwe esiKwaNdengezi, iThembeni Crisis Care Centre,” kuchaza yena.
Kulo mcimbi uthe kuzonandisa abaculi okukhona kubo iHeals Over Head, Sibongile Khumalo, Nomfundo Xaluva, Mimi Mtshali, Nqobile Mchunu odume ngelikaTalie Monin oshadele eHong Kong.
“Kulo mcimbi bakhona abesilisa abambalwa abazobonakala esiteji benandisa okukhona kubo uSbu “Mash and Friends" noFeya Faku,” kuchaza yena.
Uthe isifiso sabo ukuthi kufika unyaka ka-2020 lo mcimbi ube usuwaziwa nakwamanye amazwe ngaphandle kwaseNingizimu
Afrika.
“Amathikithi aseyatholakala eComputickets ngoR300 noR800 iVIP,” kuchaza yena.