Ezokungcebeleka

Bazoshintsha imizimba bephoqwa yingcindezi yezothando

Nokubongwa Phenyane|Published

KUZOGQAMA abantu abathathu abazozama ukushintsha imizimba yabo ukuze bajabulise izithandwa zabo

Image: Sithunyelwe

ABAKULELI abondlekile ngokomzimba bazothatha uhambo lokushintsha indlela imizimba yabo ebukeka ngayo ngenxa yokuvikela ubudlelwano bezothando.

Lokhu bazokwenza ohlelweni i-Lose it or Lose Me, oluzoqala kuMzansi Magic (161), kusuka ngoJulayi 8, ngo-8 ebusuku.

Kulolu hlelo kuzobonakala abantu asebenqunyelwe ugwayi katiki yizithandwa zabo ukuthi bathathe lolu hambo noma kuphele ngobudlelwano abakubo.

UPhakamile Nqobile Ngubane ongudokotela obhekele indlela abantu abadla ngayo, uDuduetsang Phele oqeqeshelwe ukusiza abantu behlise umzimba ngendlela yokudansa nezinye izindlela, uSibongile Ngoma noTsepang Mokoena, yibona abazobe besiza laba abathathu behlise umzimba. 

Bazobe besebenzisa izindlela ezihlukene zokuzivocavoca.

U-Irvin Pooe weMzansi Magic, uveze ukuthi lona akulona uhlelo okuzobonakala abantu bezama ukwehla emzimbeni kodwa laba abathathu bazobonakala bezikhandla ngenxa yokushintsha impilo.

“Konke bakwenza ngoba befuna ukuphila impilo engcono, uhambo olungelula njengoba bezobe bebhekene nesimo sokuphila impilo engcono kunoma balahlekelwe ubudlelwano bezothando abakubo. Isiqephu ngasinye sizoveza umuntu ngamunye adlule kukho ukuze ehle esisindweni akusona. Sizobabona bonke bedlula esimweni sokushintsha umzimba, imizwa yabo kulona lonke lolu hambo kanjalo nesimo sabo sengqondo. Sizobabona ukuthi bakwamukele kanjani lokhu ababhekene nakho,” kuchaza yena.

Uthe okuzokwenza uhlelo ludonse amehlo abaningi ukuthi ngabe laba bazokwazi ukuthi babhekane nengcindezi noma bazobhekana nengcindezi bahluleke ohambweni lwabo? 

“Siyazi ukuthi ngohlelo olufana nalolu sizothinta abantu abahlukene bakuleli, ababhekene nobunzima bokwehla emzimbeni, ukuzinakekela kanjalo nezingqinamba ezehlukene zobudlelwano bezothando. Siyazi ukuthi abantu abazobuka uhlelo bazoba nemibono ehlukene ngalo,” kuchaza yena.