UMCULI kamaskandi, uDavid “Qadasi” Jenkins uthe asikho isidingo sokujaha ukukhipha i-albhamu entsha ekubeni endala isadayisa.
UQadasi ukusho lokhu ekhuluma neSolezwe ese-studio lapho ehlanganisa khona i-albhamu yakhe entsha ezophuma kulo nyaka.
Selokhu agcina ukukhipha ngo-2016 nge-albhamu ethi Lashis’ilanga ayeyenze ngokuhlanganyela noMaqhinga.
Ehamba yedwa wagcina ukukhipha ngo-2014 i-albhamu ethi Uhambo Olusha.
“Selokhu ngagcina ukukhipha ngo-2016 kodwa kuze kube yimanje isadayisa kuleli naphesheya kwezilwandle lapho engisazama ukuzakhela igama khona. Abanye bakhipha ngemuva kwezinyanga eziyisithupha noma ngonyaka kodwa asikho isidingo uma usakhulisa igama.
“Manje siyabona ukuthi sekuyisikhathi esihle sokukhipha.”
Lo mculi okhule ethanda uPhuzekhemisi, Ihhashi Elimhlophe noJohnny Clegg, uthe izingoma azenzayo zikhuluma ngothando futhi kukhona nezigqugquzelayo ukuthi “ungabanaki abantu abakulahlekisa ngethemba”.
UMaqhinga Radebe uthe nguye odidiyela i-albhamu kaQadasi njengoba ebuye amfundise nokuphimisa kahle amanye amagama esiZulu.
“Senza umculo ongapheli manje okuzothi nezizukulwane ezizayo zikwazi ukuwuzwa,” kusho uMaqhinga.
Uthe uma beqeda nge-albhamu kaQadasi bazobe sebeqala benza eyabo ngokuhlanganyela.
Labo maskanda balungiselela ukuba nomjikelezo ozoba sezifundazweni ezahlukene.
Kusasa bazobe beseLifestyle Centre, eBallito ngaphambi kokudlala eDurban North ngeSonto.
Ezinye izifundazwe abazozihamba yise-Eastern Cape, Western Cape, Gauteng naseFree State.
“Kukhona izindawo esizonandisa kuzo sihambisana nomdlali wesiginci wase-USA, uTony Trischka.”