ABESIFAZANE abasendimeni yobumnandi nepolitiki bazokhombisa ikhono labo elehlukile uma umsakazo iPOWER 98.7 ibanika ithuba lokusakaza ezinhlelweni zawo begubha inyanga yabesifazane.
Baqalile ukuzwakala namhlanje.
Ngenxa yomkhankaso obizwa nge-#987Woman line-up, okungowesine kulo nyaka, abasakazi besilisa bazothola ikhefu lesikhashana.
Umphathi wesiteshi, uBob Mabena, uthe injongo yabo wukugqugquzela, ukwakha nokujabulisa abalaleli bomsakazo.
“Siyazi ukuthi uhlu lwabesifazane esinalo kulo nyaka ngeke lungajatshulelwa ngabalaleli bethu ngoba luhlanganisa abesifazane abaqhamuka emikhakheni ehlukene. Kulo nyaka sizoba neziMeya, oNgqongqoshe, abaculi, abalingisi ngisho nabahayi bezinkondlo futhi nabo bazokhuluma ngezinto eziningi abahlangabezana nazo emikhakheni abakuyo,” kuchaza yena.
Uthe ngonyaka odlule uthe kwakukhona u-Advocate Thuli Madonsela, Tumi Morake, Felicia Mabuza-Suttle, Dkt Nkosazana Dlamini Zuma, Lira, Letta Mbulu, Judy Dlamini, Khanyi Dhlomo, Minnie Dlamini noLindiwe Mazibuko.
“Abesifazane esinabo kulo nyaka banegalelo elikhulu emphakathini futhi asingabazi ukuthi bazojabulisa abalaleli futhi babe nezingxoxo ezehlukene nabo,” kusho uBob.
Uthe umkhankaso uyindlela yabo yokuhloniphga bonke abesifazane.
Phakathi kwabesifazane abazozwakala kulo nyaka kukhona uRebecca Malope, PJ Powers, Thandi Modise, Nomvula Mokonyane, Melanie Bala, Moshidi Motshegwa, Rami Chuene, Lumka Oliphant, Patricia de Lille, Makoti Khawula nosaziwayo uBoity ozobe ehambisana nonina uModiehi Thulo.