IZOKWANDULELWA yingqungquthela yokucobelelana ngolwazi kwezomculo namabhizinisi indumezulu yekhonsathi yokuvula unyaka iSouth Coast Beach Picnic ezoba sebhishi lasePark Rynie kusasa.
Lo mcimbi, okuzoba ngokokuqala ukhona, uhlelwa nguMjey Zama ongumnikazi wendawo yobumnandi eseMlaza, Eyadini Lounge.
Utshele leli phephandaba ukuthi namhlanje bazoba nengqungquthela iSouth Coast Business & Music Conference lapho kuzobe kukhuluma khona izikhulumi ezahlukene.
Phakathi kwabazobe bekhuluma ubale uZanele Mbokazi, uyena uMjey, Nomfundo Mkhize, Sbo Da Poet, DJ Merlon nabanye.
"Sifuna ukuthi abantu kube khona abasala nabo ukuze bezothuthuka beye phambili, yingakho sibahlomisa ngolwazi," kusho uMjey.
Le ngqungquthela ezoba seScottburgh Town Hall, izoqala ngo-10 ekuseni kanti kungenwa mahhala.
Kusasa kuzoba nomcimbi omkhulu lapho kuzobe kunandisa khona uHlengiwe Mhlaba, Babo Ngcobo, Nasty C, Cassper Nyovest, Babes Wodumo, Shimza, Tira, Manqonqo, Dladla Mshunqisi, Tipcee, Distruction Boyz, Zodwa Wabantu nabanye.
Amathikithi atholakala eComputicket ngoR100 kuthi esangweni abe nguR150. AweVIP anguR200 kanti esangweni azoba nguR300. Umcimbi uzoqala ngo-10 kuya ku-2 entathakusa.
"Umcimbi wokuvula unyaka sibonge ukuthi singene siphila. Siyacela abantu bephume ngobuningi babo bezojabula nathi," kusho uMjey.