BABHEKENE nenkinga abantu bakuleli abajolela ophathina babo njengoba sekuqalile ukulungiselelwa kokuqala ukuqopha kohlelo oluthi Uyajola Na? oluzokhonjiswa kuMoja Love TV (DStv channel 157) maduzane.
Lezi zindaba ziqinisekiswe obhekelele ezezikhangiso kulesi siteshi uLindiwe Mbonambi.
ULindiwe uthe konke sekumi ngomumo njengoba bona sebelindele ukuthi uhlelo luqale esiteshini sabo.
“Uhlelo oluzosakazwa isiteshi sethu lolu. Noma ngingazi ukuthi luzoqala nini njengoba kusesekuseni ukuthi singasho kodwa konke sekusayiniwe futhi nenkampani eluqophayo isiqalile ukwenza amalungiselelo alo okuluqopha,” kusho uLindiwe.
Uthe bajabule ngalolu hlelo njengoba bebaningi abantu abafake izicelo zokuba yingxenye yalo.
Kulolu hlelo amakhamera azolandela osolwa ngokujola ukumbheka ukuthi uyaphi ekwenza lokhu ngemvume yesithandwa sakhe lowo ngoba engasamethembi uphathina wakhe.
Iphephandaba lesingisi eliphuma nsuku zonke likhulume nophrojusa walolu hlelo uRuth Moatlhodi, okuqinisekisile ukuthi uhlelo sebeqalile ukusebenza kulo.
Uthe bese kunesikhathi benomqondo wokwenza uhlelo olufana nalolu kuleli.
Uthe izindaba zokuqala kwalo bazimemezele ngesonto eledlule ezinkundleni zokuxhumana ukuze babone ukuthi abantu bazolwamukela kanjani.
Kuleli akuqali ukuthi kumenyezelwe uhlelo olufana nalolu njengoba nangonyaka odlule kwenzeka.
Kodwa ekugcineni kwavela ukuthi konke bekungamampunge ayikho inkampani eqopha uhlelo olufana nalolu.