BAZIDONSELE amanzi ngomsele abaculi beGqom' uMampintsha noBabes besabalalisa isikhangiso somcimbi abazobe benandisa kuwo bezibiza ngezithandani ezazibamba inkunzi eMelika, uBonnie noClyde.
UMampintsha noBabes bazowuqala eThe Warehouse eThekwini ngoLwesithathu umjikelezo wokwethula iculo labo iKhona Iy'ngane Layndlini abawubize ngeBonnie & Clyde Tour.
Lokhu kuza ngemuva kokuba uMampintsha esahamba icala lokushaya uBabes elisenkantolo yeMantshi ePinetown. Imenenja kaMampintsha uDogg Dbn ikuqinisekisile ukuthi lezi zithandani zizoba nomjikelezo wazo zethula isingili yazo eshiye abantu bedidekile njengoba inamazwi ashiwo uMampintsha ngosuku ashaya ngalo uBabes beseflethini.
UDogg ubhale ku-Instagram wakhe ukuthi "Sinethulela uMr & Mrs Smith baseNingizimu Afrika. Bathande noma ubazonde. Lolu udaba lwezithandani zakuleli okukhulunywa ngazo kakhulu."
UDogg uveze ukuthi ofisa ukubabona akeze eThe Werehouse ezobabona becula bukhoma kwiWine Wednesday SA. Uthe lo umcimbi wabo wokuqala njengoba beqala umjikelezo wokwethula isingili yabo ozohambela wonke amadolobha akuleli. Uthe abantu abeze ngobuningi bezozibonela umcimbi wokuqala phakathi nezinsuku.
Ngokomlando uBonnie Elizebeth Parker noClyde Chestnut Barrow yizithandani ezabulawa ngo-1934 ngemuva kokuba wuhlupho eMelika ziphanga amabhange namagaraji kaphethroili iminyaka ebalelwa kwemine. Babulala abantu ababalelwa ku-13, okubalwa kubo amaphoyisa awu-9. Ngenxa yesimo somnotho eMelika ngaleso sikhathi abakulelizwe babebathatha njengosaziwayo futhi bebashayela ihlombe ngababekwenza. Muva nje iNetflix isanda kwenza ifilimu ngalezi zithandani esihloko sithi The Highwayman. Nanamhlanje amagama abo asavela uma kukhulunywa ngezigebengu eziyizithandani. Abanye abaculi abasebenzise leli gama kube uJay Z noBeyonce eculweni labo elashisa izikhotha ngo-2002 iBonnie & Clyde.
Ezinkundleni zokuxhumana abantu bazwakalise ukushaqeka bezwa ngegama lomcimbi.
So Mampintsha and Babes wodumo they are now calling them self the most wanted couple Bonnie&Clyde😂🤣😂😅😂mihlola😂🤣😅😁yayazi imihlola https://t.co/IX0xi78b1X
— Lungelo (@Spikza614) May 21, 2019
@Shimora @BabesWodumo, y'all are now calling yourselves Bonnie and Clyde after toying with our emotions, our justice system and making a mockery real victims of abuse. Wena Babes lenja yakho isazokphinda and that time you'll die nxxxx😡🚮🤬🤨 msoonu yenu pic.twitter.com/oqpL2J26xL
— Talente Zaca (@TalenteZaca) May 21, 2019
Sengidabukela ama celebs ayekhuluma kakhulu😂😂ngendaba yale couple
— Lwazi Dlamini (@LwazieDlamini) May 20, 2019
Sengikhalela izinyembi zami ngidabuka angisaphathike okwendoda yami ngyayincisha ucansi ngoba ngithi ngine stress se fight yenu guys ey ngoba futhi pic.twitter.com/CLvBfRxDBU
— MaKhums (@khumsMa) May 20, 2019