IYAZIQHENYA ngokujoyina umdlalo Imbewu intsha yaseThekwini, eqale ukuduma kulo mdlalo, muva nje okuvela ukuthi unababukeli abangu-4 million.
Ngempelasonto lo mdlalo ube nesidlo sasebusuku nababukeli bawo nabezindaba ukujabulela impumelelo yawo.
Kulo mcimbi obuseMhlanga kucacele nengane encane ukuthi abalingisi balo mdlalo bayaziqhenya ngomsebenzi abawenzela ababukeli usuku nosuku.
Isolezwe libe nengxoxo nabalingisi asebeke baba ngundabamlonyeni kulo mdlalo nabaveze ukuthi eGoli abakutholanga ababeyokufuna ekulingiseni.
UNkanyiso Mchunu, olingisa indawo kaNkululeko, uthe ithemba labuya mhla ebona kuqala ukuqoshwa imidlalo yethelevishini KwaZulu-Natal.
“Uyabona leli thalente olibona kwiMbewu njengoba kugcwele ubuso obusha nje yingoba kade lalilambela ithuba elifana naleli. EGoli akulula njengoba uma kuke kwavela ukuthi kuzoba nenhlolokhono, ulayini uqala ebusuku. Nami ke nabanye abalingisi sidlule kubona labo layini kungelula okwangempela kodwa bheka manje,” kuchaza uNkanyiso oveze ukuthi uzalwa eMgungundlovu.
Enye intokazi ezakhele igama kulo mdlalo uNqobile Ndlovu, olingisa indawo kaKhanyo Bhengu, uveze ukuthi yena noma eseke walingisa emidlalweni efana noMuvhango neNgozi kodwa ukubuya ekhaya KwaZulu Natal kuye kwasho lukhulu.
“Lokhu abantu abakubonayo kulo mdlalo kusekuncane kuningi okuseza njengoba kusazoshisa kakhulu,” kuchaza le ntokazi yaseMariannhill.
Ithe ikujabulele ukuba kulo mdlalo oyenze yakhula futhi yaziwa ngabaningi.