BAXOLISILE kubalandeli babo abaculi abagcine bengaculanga ngoMgqibelo emcimbini i#Gcwalis’ iMabhida, eThekwini.
Kube nokudideka kwabaningi kuvalwa umcimbi Amageza Amahle, Osaziwayo noShwi noMtekhala bengakaculi.
Inkampani ebihlela umcimbi Idlamlenzwe Development Foundation ixolisile kubaculi nabathandi bomculo kamaskandi akade besemcimbini.
Ithe isinqumo sithathwe yikomiti elilawula inkundla ngokuhlanganyela nonogada ngemuva kokuthi kube khona abantu abangaphezu kwesishiyagalombili abaphuthunyiswa esibhedlela.
U-Ali Mgube uthe yize kubuhlungu ukungaculi emcimbini kodwa izingqinamba ezaba khona yizona ezaholela kulesi simo.
“Umhleli womcimbi, uMthokozisi Zuma, ushaye ucingo waxolisa wachaza ukuthi baphazamiseke kanjani. Ngeke sisole uZuma noma uKhuzani ngalokhu,” kusho u-Ali.
Uthe kodwa abantu ababeyizimenenja esiteji uyababeka icala ngoba kwakumele basheshise abaculi uma bebona ukuthi isikhathi siyabashaya.
UKhangelani “DSD” Mhlongo uthe ngoba abahleli bomcimbi baxolisile ngokwenzeka, akukho okuningi asengakusho.
“Ngiyaxolisa kubalandeli bami abafike bezosibona bachitha izimali zabo kodwa kwangenzeka. Ngikutholile ukuxolisa kwabakade behlela umcimbi bekhala ngesikhathi ukuthi yisona esabalimaza.” kusho uKhangelani.
UVeloh Bhengu, waMageza Amahle, uthe baphatheke kabi ngokwenzekile. Kukhona izinto ezingakabacaceli kahle ezenzeka ngalobu busuku.
“Abaculi bekuthiwe bafike kusasele amahora amane bacule, Amageza enza njalo. Kwathiwa azocula ngo 5 kodwa kwangenzeka. Siyaxolisa kubalandeli baMageza abahlale kwaze kwasa. Sisazohlangana nabo sixolise ngenxa yokuthi sasibacelile ukuthi beze emcimbini.”
UZuma esitatimendeni abasikhiphile uthe kwaba khona abalimalayo kanti nezokuphepha zazingasaqinile kahle, yingakho banquma ukuthi kuvalwe.
“Siyabonga kubona bonke abebesemcimbini. Ngeke sibashiye ngaphandle abaxhasi bethu neminyango kahulumeni efake isandla ekutheni umcimbi ube yimpumelelo. Umcimbi ube yimpumelelo ngoba amathikithi edayise aphela,” kusho uZuma.