ELAWINI LIKA-MAGUMEDE
KUNEZINTO ezincane okumele siziqaphele kubantu esithandana nabo. Enye yazo yizinombolo zikamakhalekhukhwini, kuloba uDISTANCE GUMEDE
Ngesikhathi kufika le nto yezinkampani zomakhalekhukhwini zimbili izinkampani ezazihamba phambili. KwakuyiMTN neVodacom. Ngokuhamba kwesikhathi bafikile ke iCell C neTelkom Mobile. Kodwa zike zaba mbili izinkampani ezishaya amaphiko kulo mkhakha.
Ngesikhathi zifika lezi zinkampani, abantu babenikwa izinombolo eziqala ngo-082 (abakaVodacom) no-083 (abakaMTN).
Kuthe ngokuhamba kweminyaka zandiswa izinombolo kwafika eziqala ngo-072 no-073. Ufikile noCell C nezinombolo zawo eziqala ngo-084.
Nayo kwathi uma sekuminyene utshumo wadlulela ezinombolweni eziqala ngo-074 ukwandisa isibalo samakhasimende.
Nginesiqiniseko sokuthi uyazibuza ukuthi uMaGumede uyaphi nalolu daba.
Lalelisisa kahle sisi wami nawe bhuti.
Ubombhekisisa ubhuti omdala oneminyaka engaphezu kuka-40 kodwa onenombolo eqala ngo-065.
Kumele uzibuze ukuthi wayekuphi ngesikhathi ontanga yakhe benikwa izinombolo eziqala ngo-082, 083, no-084.
Iyazwakala nendaba yomuntu oqhamuka nenombolo eqala ngokuthi 072, 073 noma 074. U-065 pho!
Zameqa zonke nje lezi ezinye izinamba, wazovuka ngale ephathwa yizingane ezizalwe ngeka-2000?
Kanjani nje?
Inombolo yesimanje isho lukhulu ngomuntu wakho. Isikhathi esiningi isuke iwubufakazi bokuthi umuntu wakho akathembekile nokuthi uwumuntu onganaki.
Ubomgada umuntu oshintsha njalo izinombolo zakhe zocingo. Lokho kuwuphawu lokungathembeki nokungabi nandaba. Umuntu onjalo ngeke uze ube nekusasa eliqhakazile naye.
Uzokulaxaza phansi, akushiye ahambe nabanye njengoba enza nje ngesikhathi eshintsha inombolo kamakhalekhukhwini.
Indoda yangempela, inombolo yayo iqala ngo-082, 083, 084. Usungakhalela nje ko-072, 073, 074. Kepha nje o-065, 060 yizinto zezingane lezo.
Umuntu onenombolo enjalo akuyena owokuthenjwa, uzokushiya ukhala mi izinyembezi.
Ngelinye ilanga nje kufanele umbuze umuntu wakho ukuthi: “Baby, wena wawukuphi ngesikhathi ontanga yakho bethola izinombolo eziqala ngo-082, 083 no-084?”
Inakisise impendulo yakhe. Yini eyadala ukuthi ayishintshe inombolo yakhe? Isizathu sakhe siyazwakala?
Lezi zinombolo zo-065 ezezingane eziqale ukuba namaselula kulo nyaka, hhayi umuntu oseneminyaka esebenza.
Uma enenombolo enje ayikho into azokwazi ukuyibekezelela, umalalephenduka woqobo lowo.
Amadoda ashaya ngalezi zinombolo zezingane, kujwayele ukuthi kube yila madoda awoshaya, othintitha bokugcina.
Nabesifazane abagijima ngalezi zinombolo kujwayele ukuthi kube yile nhlobo eqoma ize iquleke, okanye yile nhlobo edala izikweletu bese ixakeka. Akubona abantu bokuthenjwa labo.
Ngaphambi kokuyiqoma indoda yakho bhekisisa inombolo ekunika yona, uzibuze ukuthi iyifanele yini.
Lezi zinombolo ezintsha, okuthi noma umnikazi wayo ekubizela yona uzibuze ukuthi engabe yiyiphi ke i-network le, ziwumsangano nje. Gadani bosisi.
Ngiyayizwa mhlawumbe eyezingane ezila ko-20 nezisafunda isikole, zingaba nalezi zinombolo zo-065 no-060, hhayi indoda endala eko-30, angisayiphathi ekababa ola ko-40 okufanele ngabe uhlala kwakhe nabazukulu.
Umuntu oshintshashintsha izinombolo, angakujikela noma yinini kuhle ukuthi uqaphele inombolo akunika yona indoda uma ikushela.
Ukushintsha kalula inombolo kuwuphawu lokuhluleka ukuzinikela.
Ngokuzayo qaphela inombolo esetshenziswa isesheli sakho noma lowo omshelayo. Ngoba uzosala njengonombolo yakhe endala.