UNONTANDAKUBUKWA waseGoli uLaSizwe uthi baningi abantu abafisa ukufana naye baphile lempilo ayiphilayo kodwa bagcwele amanzi emadolweni.
ULaSizwe usho kanje kulandela ukusabalala kwesithombe sakhe ekwenye yamaphathi, kulesi sithombe ubegqoke ibodysuit ebimkale isitho sakhe sangasese ebambene ngesandla noJessica Nkosi.
Lo msiko uthinte abantu abaningi bebodwa ebebemgxeka ngokuba nehaba nokuthathela izinto phezulu. Konke lokhu uthe akakushayi ndiva ngoba izimfamona usezijwayele.
"Ngifuna ukudlisa ngomzimba ngoba ngiyazi vele ngiyababa. Ngizogqoka nanoma yini ekuthi angiyifake anginendaba nabantu bayohlezi bekhuluma. Impilo injalo nje, engikwazi ukuthi abantu ngeke bazigqoka lezi zimpahla engizifakayo. Abanye bazogcina ngokukhuluma bagxeke kodwa bebe bengihalela," kusho uLaSizwe ehleka.
Mayelana nobekuqumbe ngaphambili unqabe waphetha ukucacisa ukuthi isitho sakhe sangasese sodwa yini noma kukhona ebesekele ngakho. "Hhayi ngeke, angizikhulumi lezo. Ngeke ngisho lutho angiphawuli ngakho, kodwa bengazi kuzokhulumisa abaningi njengoba sebehala," kusho uLaSizwe.
View this post on Instagram
Mom and son, came to break necks. #LoveELiveE @jessicankosi 📷: @saucenberg
A post shared by Lasizwe(@lasizwe) on Apr 11, 2019 at 11:44am PDT
Lesi sithombe sijikeleze saze sabuya esegqokiswe kahle ijazi elizishaya kwelase nyuvesi ekuthwesea ngalo iziqu abafundi.
Nakho lokhu uLaSizwe ukuthathe njenge hlaya. Kuzokhumbuleka ukuthi leli bhungu lisanda kuphumela obala kuleli phephandaba liveza ukuthi lona nesikole izinto ezimbili ezingahlangani. Emuva kokuphela kohlelo lwakhe lwethelevishini iFake It Till You Make It bekusacwebe isiziba ngokusho kwakhe.
Ephetha uthe noma engenawo umsebenzi amatasa ngawo kodwa uyaqhubeka nekhasi lakhe lakwiYoutube lapho efaka khona amavideo ezinto ezahlukene.
View this post on Instagram
This definitely takes the cup! 🤣🤞🏾! Whoever made this is going to hell
A post shared by Lasizwe(@lasizwe) on Apr 12, 2019 at 6:49am PDT