Ezokungcebeleka

Bayanda ababukeli bomdlalo i-The Wife

Nokubongwa Phenyane|Published

UMONDLI Makhoba osebathembise lukhulu ababukeli bomdlalo iThe Wife njengoba ethi abakaboni lutho kwisizini yesibili eyenze kahle iqala uma kuza kubabukeli Isithombe: SITHUNYELWE

UMLINGISI odabuka eMacambini, eMandeni uMondli Makhoba, olingisa indawo kaNkosana emdlalweni iThe Wife, uthe kuyajabulisa ukubona lo mdlalo wenza kahle.

UMONDLI Makhoba osebathembise lukhulu ababukeli bomdlalo iThe Wife njengoba ethi abakaboni lutho kwisizini yesibili eyenze kahle iqala uma kuza kubabukeli Isithombe: SITHUNYELWE

Lokhu kulandela ukuthi iziqephu zokuqala, ezintathu eziphume ngesonto eliphelile zesizini yesibili, zenze kahle uma kuza kubabukeli.

Lezi ziqephu zihlule ngisho ezokuqala zalo mdlalo ezabonakala ngesizini yokuqala kwiShowmax.

Omunye wabalingisi abahamba phambili kule sizini, uMondli uveze ukuthi abantu abakubonile akuyilutho ngoba kukhulu okuzayo.

Uthe ukulingisa noKhanyi Mbau olingisa indawo kaZandile kulo mdlalo, kube ngenye yezinto angeke azikhohlwe njengoba uKhanyi enekhono elimangalisayo.

“Ufana nomlingo uKhanyi, ukubeka endaweni nawe ongayazi ngekhono lakhe kulo mkhakha wokulingisa. Sengilinde ngabomvu ukuthi ababukeli babone okuningi okuzokwenzeka ngoba hhayi cha kuzobamangaza. Ukufika kukaZandile kuzomshintsha kancane uNkosana abantu abambone ngesizini yokuqala njengoba kulokhu ephansi, enothando nokuyinto engakaze ibonakale ngesizini yokuqala,” kusho uMondli.

Uveze ukuthi abantu bazophenduleka emibuzweni eminingi abebenayo yokwenza ubugebengu nabafowabo.

“Izinkinga zizoba khona kakhulu phakathi kwakhe nabafowabo, abayizwa ekaZandile futhi nomndeni wonke usezinkingeni ezinkulu ngenxa yamanye amalungu omndeni. UNkosana abantu bangabheka ukuthi usazoba nguye yini lo muntu ohlanganisa umndeni, awenze ungangenwa abantu bangaphandle,” kuchaza yena.

Uveze ukuthi yena uhluke kakhulu kuNkosana, njengoba enenzondo kodwa yena into angenayo leyo futhi uma kungathiwa uphila njengoNkosana kungahlala kuzwakala izindaba ezimbi zodwa ngaye.