BAZOBUYELA ngoMsombuluko emsebenzini ngemuva kokuthatha ikhefu abasakazi beMetro FM, uDineo Ranaka noLerato Kganyago obese kukhona ukudideka ngokungezwakali kwabo emoyeni.
Laba benza uhlelo, iThe Bridge engena phakathi nezinsuku kusuka ngo-10 ekuseni.
Bese kunokudideka nemibuzo ngokunyamalala kwabo bobabili ngesikhathi esisodwa.
Isolezwe likhulume nemithombo ehlukene esondelene nalaba neveze ukuthi ngempela basekhefini.
“Cha bebesaphumule bobabili, akukho okungale okungabavimba bangezi emsebenzini,” kuchaza umthombo.
Okhulumela iSABC uNeo Momodu naye, ushaye ngamafuphi wathi laba bayabuya emsebenzini ngemuva kokuhlaba ikhefu lamasonto ambalwa.
Kwenzeka lokhu nje bese kunemibuzo futhi ngokunyalala kukaBheka Mchunu kuKhozi FM, naye okuvele okufanayo ukuthi ubehlabe ikhefu.