ABHODLA umlilo amaciko aseNingizimu Afrika ngokuqoshwa kwefilimu yowayeyindlovukazi yomculo we-Afro pop uBrenda ‘MaBrrr’ Fassie yinkampani yaseLondon, e-United Kingdom, iShowbizbee. UMengameli wenhlangano yamaciko kuleli iCreative Workers Union of SA (Cwusa) uMabutho ‘Kid’ Sithole uthe bona abahambisani nokuthi kusetshenziswe amaciko angaphandle ekuxoxweni kwezindaba zakuleli.
“Uma kuwukuthi sisemhlabeni ohlangene, kungani singaboni amaciko akuleli edidiyela ifilimu ekhuluma ngomlando kaDkt Martin Luther King? Siyoze sijabule uma sibona amaciko akuleli anjengoDkt John Kani, Sophie Ndaba noSello Maake KaNcube belingisa izindawo eziqavile emafilimini asemazweni angaphandle hhayi ukuthi kulandwe abantu bangaphandle ukuba babambe iqhaza emafilimini axoxa ngomlando wethu,” kuphetha uSithole owaduma ngokudlala emdlalweni wethelevishini owawuthi iNkom’Edla Yodwa.
Yize amaciko ekhala kodwa indodana kaBrenda, uBongani Fassie, ithe ikujabulele ukusebenza neShowbizbee ngoba impilo kanina ebinezigigaba ephila ngisho engasekho, izoxoxwa kahle kwifilimu.
“Ngikubheke ngabomvu ukuba yingxenye yalo mkhiqizo njengomunye wabadidiyeli abakhulu ukuze indaba kamama eyiqiniso ivele kubantu bakuleli nasemhlabeni jikelele.”
Le nkampani izoqopha le filimu ngokubambisana neBrenda Fassie Estate neLegaci Nova.
UVaughn Eaton weLegaci Nova uthe ngemuva kokushona kukaMaBrrr kwaqala izingxoxo zokuthi kwenziwe ifilimu ngempilo yakhe.
“Siyajabula ukuthi ekugcineni sekuzokwenzeka. Zonke izinto zizoqala kahle ngenyanga ezayo. Kumele silungise okuncane neShowbizbee ngoba yona izinze e-UK,” kusho uVaughn.
Imizamo yokuthola okhulumela uMnyango wezobuCiko namaSiko kuleli uZimasa Velaphi ukuba aphawule ayiphumelelanga.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engayiphendulanga imibuzo ayithunyelelwe.
UBrenda, owashona ngoMeyi 9 2004, wazakhela udumo ngezingoma okubalwa kuzo iWeekend Special, Too Late For Mama, Vul’indlela, Nomakanjani, Black President nezinye. Ungomunye wakuleli umculo wakhe owawudayisa ubuthaphuthaphu.
Ifilimu izobhalwa futhi iqondiswe ngu-Edward W Shaw ngemuva kokuxoxelwa yindodana kaBrenda, uBongani.
I-Brenda - The True Story, izoveza uBrenda esemncane enentshisekelo yokungena emculweni. Uvela esuka kwaLanga, eKapa, lapho edabuka khona ebheke eGoli.
IShowbizbee, esitatimendeni ithe iyathemba ukuthi abantu bazoyithakasela le filimu.
UVaughn uthe bazoba nenhlolokhono, imininingwane yayo engakaqinisekiswa, lapho bezobheka khona uBrenda. Izobe ivuleleke kubo bonke abantu bakuleli.
Ifilimu kulindeleke ukuthi ikhonjiswe
ema-cinema ngasekupheleni konyaka.