BATHEMBISA lukhulu abasunguli bomcimbi wokuhlukanisa unyaka, Umgruvo Music Festival, ozobanjelwa enkundleni yezemidlalo yasoLundi, ngoDisemba 31.
Lo mcimbi ozobanjwa okwesibili kulo nyaka kanti injongo yawo ukujabulisa umphakathi waseZululand. Umhleli walo mcimbi uLindani Nsibande uthe, kubajabulisile ukuthi lo mcimbi ube yimpumelelo njengoba ngonyaka odlule uqale ngesasasa.
Uthe yize wawuqala ngonyaka odlule kodwa abantu bakhombisa ukuwuthakasela futhi yikhona okubaphoqe ukuthi bawubuyise kulo nyaka. Ekhuluma neSolezwe uLindani uthe, lona umcimbi womndeni njengoba kuvuleleke kuwona wonke umuntu.
“Kulo nyaka sishintshe ngisho indawo ebesiwenzele kuyo njengoba ngonyaka odlule wawusendaweni eyaziwa ngokuthi kuseHlathini kodwa kulo nyaka siwusa enkundleni yebhola. Abantu abasondelene noLundi abaphume ngobuningi bezozijabulisa kulo mcimbi, amasango azovulwa ngehora lesithathu bese umcimbi uyaqala ngehora lesithupha. Sifuna abantu bangahambi amabanga amade beyofuna ubumnandi yingakho sihlele lo mcimbi,” kusho uLindani.
Uthe nakulo nyaka babophele abaculi abanohlonze.
“Ohlwini lwabaculi kukhona nabangase bahlukanise unyaka njengoba uBusiswa opikwe engomeni kaPrince Kaybee ethi Banomoya ekhona noMzukulu naye uzobe ekhona kulo mcimbi,” kuchaza yena.
Uthe kulo mcimbi uhlelo luyobe luphethwe umsakazo woKhozi FM, uSelby Mkhize, usomahlaya uMondli Mzizi nabanye.
Uthe abanye babaculi abazonandisa Igcokama Elisha, Beast, DJ Cndo, Distruction Boyz nabanye. Uthe noDJ bendawo bayobe bekhona benandisa.
Amathikithi ukuvezile ukuthi aseyatholakala futhi adayisa ngokushesha.