Ezokungcebeleka

Bathembisa lukhulu abahleli bemicimbi ehlukene eKZN

Nokubongwa Phenyane|Published

UPROFESSOR Langa uzobonakala enandisa emcimbini iGoduka Music Festival ezoba seMlaza ngoMgqibelo njengoba imicimbi ithe chithi saka kulesi sifundazwe Isithombe: SIGCINIWE

BATHEMBISA ukujabulisa abantu abahleli bemicimbi ezobe ithe chithi saka esifundazweni saKwaZulu-Natal, ngempelasonto.

Kulindeleke ukuthi eThekwini kube nomcimbi weGagasi FM, iBeach Fest, ezoba seBlue Lagoon, eMlaza uPastor Mjosty uzobe enze umcimbi wakhe iGoduka Festival, eKing Zwelithini Stadium.

EBergville kuzobe kubanjwe umcimbi iDrakensberg Extravaganza, ehlelwa nguSipho Ndaba.

Ekhuluma neSolezwe, uSipho uveze ukuthi kusukela imicimbi yabo iqala ngoNovemba 24, abantu basakhombise ukuyithakasela.

“Bese kuyiminyaka emibili senza lo mcimbi ngendlela engajwayelekile. Ngo-2020 sawenza ngabantu abancane kanjalo nango-2021, sasithe abantu bazoba u-1 000 kuphela. Kodwa kulo nyaka bakhombise ukuwuthakasela kakhulu ukuthi ubuyele esimeni, sesilinde ukuthi abaculi benze abadume ngakho bajabulise izihlwele,” kusho uSipho.

UKhulekani Shandu okhulumela Igagasi FM, unxuse abantu abangawatholanga amathikithi ukuthi bangalinge basondele emcimbini.

“Njengoba sithi amathikithi asephelile sinxusa abangawatholanga ukuthi bangezi lapho kuzobe kukhona lo mcimbi ukuze sikwazi ukuvika isiminyaminya esingenasidingo. Kukhona nemiyalelo esiyifake emakhasini ethu esinxusa ukuthi abeza kulo mcimbi bayilandele njengokungavunyelwa kokufika namabhodlela,” kusho uKhulekani.

Uveze ukuthi kuningi okuzojabulisa abazohambela umcimbi abakufihle emqubeni.

UMjosty, uveze ukuthi bakulinde ngabomvu ukuphinde bahlangane nezihlwele ezizifela ngalo mcimbi nawo obunakho ukubanjwa ngendlela engajwayelekile ngenxa yeCovid-19.

“Okujabulisa kakhulu ukuthi sibophele izinkunzi zabaculi bakamaskandi izingoma zabo ezishisa izikhotha ezinkundleni zokuxhumana ezifana noTik-Tok, ngakho sithi abantu abeze ngobuningi babo, ezokuphepha zizobe ziqinile,” kusho uMjosty othe namathikithi asatholakala.

Kule micimbi kulindeleke ukuthi kunandise abaculi okukhona kubo u-AKA, Khuzani, Big Zulu, Kelly Khumalo nabanye.