BASWELE amaphiko okundiza abalaleli boKhozi FM emuva kokuzwa ukuthi isilomo somsakazi uNgizwe Mchunu sibuyiselwe emsebenzini.
Bathe akukho abangakwenzanga ukuqinisekisa ukuthi uyabuya emsebenzini selokhu axoshwa ngo-Okthoba ngoba bebemkhumbula ngenxa yolwazi lwakhe lwesiZulu namasiko.
Isolezwe likhulume nabalaleli abaqavile boKhozi FM okubalwa kubo uKholwa Zuma ochaze uNgizwe njengomsakazi onegalelo elikhulu emsakazweni futhi odumisa uKhozi emazweni omhlaba.
“Ubesifundisa kakhulu uNgizwe, benze kahle bambuyisa. Bona abaxazulule izinkinga ngaphandle kokumsusa emoyeni,” kusho uKholwa.
UMandla Zulu uBoyfriend uthe abayazi imigomo nemibandela yoKhozi FM futhi akazi yini eholele ekutheni akhishelwe ngaphandle kodwa bayajabula ukuthi usebuyile ngoba uyawazi umsebenzi futhi ubebafundisa ngemikhosi ebalulekile kaZulu abale kuyo uMkhosi woMhlanga.
U-03 (George Mokoena) uthe indlela ajabule ngayo ezwa izindaba zokuthi uNgizwe uyabuya uze wakhala. “Ngiswele amaphiko okundiza, ngivele ngakhala izolo ngesikhathi ngizwa ukuthi uyabuya uNgizwe,” kusho u-03.
Uthe wayekhona nasemashini eyayiseThekwini neyaseGoli yokucela izikhulu zoKhozi ukuba zimbuyisele emoyeni uNgizwe.
“Ngisho bemashela ukudilizwa kwabasebenzi thina sasiphethe izingqwembe ezithi makubuyiswe uNgizwe emsakazweni. Sijabule kakhulu singabalaleli futhi besesisola umona kubaphathi ngoba besingazi ukuthi uxoshelweni. Siyabonga ukuthi usebuyile,” usho kanje.
FUNDA: Ubuyiselwe emsebenzini uNgizwe
UScorpion (Siyabonga Ndlovu) uthe uNgizwe akayekwe asakaze futhi afundise isizwe ngamasiko nolimi lwesiZulu ngoba besebeswele ulwazi kade engasekho emoyeni.
UBongani Miya uthe uyajabula kakhulu ngokubuyiswa kukaNgizwe ngoba bese bephatheke kabi bengazi ukuthi wubani ozoxoshwa emsakazweni.
“Akuzange kucace ukuthi uxoshelweni uNgizwe. Besizibuza njalo singabalaleli ukuthi kuzolandela bani. Siyajabula ukuthi ubuyile nezinkulumo ezakhayo,” kusho uBongani.