BAHLELI ngesinqe esisodwa abethuli bezemidlalo kuKhozi FM abasolwa ngokugwazisa njengoba kuthiwa sekuqale uphenyo ngalezi zinsolo.
Kulolu phenyo, kuthinteka umphathi wezemidlalo nomethuli wazo okuthiwa bangamathe nolimi.
Isolezwe ngeSonto lithole ngomthombo walo ongaphakathi emsakazweni ukuthi sishubile isimo njengoba sekukhona nofakazi oseculisa okwenyoni, ekhipha amaqiniso ngezinsolo zokugwazisa ezibhekiswe kulaba.
“Kunofakazi osephenywe wagcina elikhulumile iqiniso. Kukhona lapho eqoshwe khona evuma ukuthi ubecubuza amagabade ku...(emgagula) emboleka izimoto.
“Lo mphathi usebenzisana no..... (emgagula) ekugwaziseni abanye abethuli bezemidlalo ukuze kuvuselelwe izinkontileka zabo zokusakaza,” kusho umthombo.
Omunye umthombo uveze ukuthi lo fakazi useke wagwazela lo msakazi ngo-R15 000 ukuze izinto zakhe zihambe kahle kuKhozi ngoba uyazi ukuthi usondelene nomphathi wezemidlalo.
Ngesikhathi ethintwa umphathi wezemidlalo ngalolu phenyo, uthe akanalo ulwazi lwalokho.
“Noma ngabe lukhona uphenyo olunjalo angivumelekile ukuthi ngingakhuluma ngalo. Xhumana noKaizer Kganyago,” kusho umphathi.
Kuthintwa uKganyago uthe akanalwazi ngalolu phenyo.
“Ngokwazi kwami alukho uphenyo oluthinta abasakazi okuthiwa bagwazelwe. Uma kukhona onolwazi ngalokhu kugwazelwa, sicela alethe ubufakazi ukuze siphenye,” kusho uKganyago.
Omunye wabathintekayo ophenyweni obethula ezemidlalo kodwa ongasasebenzi.
Uvumile ukuthi useke wabizwa ezophenywa.
“Angazi uphenyo lumayelana nani kodwa ngifike ngabuzwa ukuthi ikhona yini inkinga enginayo ngo.... (egagula umphathi) njengoba engayivuselelanga inkontileka yami. Ngichazile ukuthi anginankinga naye futhi bengingazi ukuthi akayivuselelanga inkontileka yami. Engikushilo ukuthi u.... (egagula umphathi) wangitshela ukuthi uyivuselele inkontileka ngesikhathi sixoxa naye,” kusho umthombo.
Wenqabile ukuchaza okuningi ngophenyo.
Kuthiwa kunolunye uphenyo olubhekiswe kumphathi wezemidlalo nomethuli wazo oluqale nyakenye. Bobabili kuthiwa bathinteka ezinsolweni zokusebenzisana nomasipala abathile KwaZulu-Natal, besebenzisa Ukhozi FM ukusakaza imidlalo yakhona, kungekho sivumelwano nomsakazo.
Khonamanjalo maqondana nophenyo lwabasebenzi abafaka izingoma emshinini oluqhubekayo uKganyago uthe: “Kunabasebenzi ababeye kwinkundla yokucobelela ngolwazi maqede baphiwa imali ngesikhathi sebeqedile. Lolo udaba oludala olwenzeke ngonyaka odlule. Labo basebenzi bavuma ukuthi bayithathile imali kodwa babengenalwazi lokuthi ababekwenza kuphambene nomthetho. Bajeziswa ngokuthi basayiniswe izincwadi ezibaxwayisa ukuthi bangaphinde bakwenze lokho."