SEBELALA obenyoni abaculi be-kwaito abayizelamani baseThekwini, uSosha noBullistic Ngcobo eflethini abaqashe kulona eliseMorningside ngemuva kokuba umastende wabo ekhiphe isicabha ngoba ecasulwa ukuthi abayikhokhile irenti.
Kuthiwa umastende ushintshe ngisho nokhiye we-burgler ukuze bangakwazi ukulikhiya futhi usebabizele enkantolo, okulindeleke ukuthi baye khona ngoSepthemba 3. Uma belala kuthiwa babopha i-burgler ngentambo ukuze lingazivulekeli.
Ethintwa umastende, uMnuz Leonard Ngcobo, uthe impela usikhiphile isicabha wawushintsha nokhiye, akasabadingi eflethini lakhe.
“Ibuhlungu le nto engiyenziwa yilaba bafana njengoba bengakaze bayikhokhe irenti kulo nyaka. Kumele bakhokhe uR5 200 ngenyanga kuhlangene nemali kagesi kodwa bebengakakhiphi ngisho isenti kulo nyaka.
Uma ngikhuluma nabo bavele bangithembise ukuthi bazokhipha noma uhhafu wemali abangikweleta yona yerenti kodwa abakwenzi lokho.
Ngithathe isinqumo sokuthi ngisikhiphe isicabha ngoLwesibili ngoba vele sebesigugisile. Ngifuna ukufaka esinye kodwa ngeke ngisifake kusekhona bona. Ngifuna baphume baphele, bayahlupha baphazamisa nabantu ngomsindo njengoba behlala bedlala umculo phezulu futhi banabangani abaningi,” kusho uNgcobo.
Uthe kuzobe sekungokwesithathu ngoSepthemba 3 bebizelwa enkantolo ngalolu daba. Ezikhathini ezimbili ababizelwe ngazo enkantolo uthe abazange balubhade khona.
Uthe usebheke ukuthi bazoya yini kulokhu.
“Noma bangaya bafike bayikhiphe imali angisabadingi eflethini lami. Abathembekile futhi bahlale benezethembiso ezingekho zokuthi bazongikhokhela. Sengikhathele amanga abo,” kuqhuba uNgcobo.
Uthe kuleli sonto bebemthembise ukuthi bazoyikhipha uhhafu werenti kodwa bebengakakhiphi lutho.
Ethintwa uSosha ubhoke ngolaka wathi ucela ukungaphazanyiswa ngoba usematasa estudio.
“Angiyazi le nto okhuluma ngayo. Ngicela ungiyeke ngiyasebenza, uyangiphazamisa ulokhu ungibuza into engingayazi.’’ kusho uSosha evala ucingo.
Kuthe uma ephinda ethintwa wabhoka kakhulu kunakuqala, ethi ucela ukuyekwa ngale ndaba waphinda waluvala.
Selokhu kukhishwe isicabha, kuthiwa uSosha noBullistic bayafa amakhaza eflethini abakulona. Umuntu osuke edlula ubona yonke into eyenzeka ngaphakathi.
Isolezwe ngeSonto selike labika ngodaba lwalaba baculi.
Umastende wabo, uNgcobo uveze ukuthi selokhu bahlala ngo-2016 kuleli flethi elisendaweni yabadla izambane likapondo eMorningside, abakaze bakhokhe ngendlela. Uthe wayenesivumelwano sezinyanga eziyisithupha nabo sokuhlala khona, angasivuselelanga ngoba selokhu bangena abakaze bakhokhe ngendlela.
Uphinde waveza nokuthi kunencwadi engumnqamulajuqa ebibaphoqa ukuthi baphume kuleli flethi ngoJanuwari 2017 kodwa bayishaya indiva.
Akukhona okokuqala laba baculi beba nenkinga yokuxoshwa eflethini njengoba kuke kwenzeka eminyakeni eyedlule kukhishwa uBullistic kwelinye lamaflethi aseMorningside ngenxa yakho ungayikhokhi irenti.