NOKUBONGWA PHENYANE
ABACULI bakuleli okukhona kubo uThandiswa Mazwai, Zwai Bala, Abigail Kubheka, Zolani Mahola, Mabusha Masekela ongumzukulu kaHugh Bra Hugh Masekela nabanye, baqophe kabusha ingoma yale nkakha ethi Thuma Mina.
Le ngoma ephume ngoLwesihlanu, inxusa abantu bakuleli ukuthi basukume balwe nenkohlakalo, ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezinye izingqinamba ezibhekene nelakuleli njengoba kunemizamo yokulwa neCovid-19.
UBra Hugh udlule emhlabeni ngo-2018 ngemva kokugula isikhathi eside elwa nomdlavuza wamankwahla.
Umzukulu kaBra Hugh uMabusha, uthe ngokwakhe le ngoma ikhuthaze abanye babaculi ukuthi kuphinde kuzwakale umyalezo owawushiwo ngumkhulu wakhe kule ngoma eyaphuma ngo-2002.
“Kungijabulisile ukuphinde kwenziwe kabusha le ngoma. Umkhulu wayengafihli uma into engayithandi ikakhulukazi uma kuziwa enkohlakalweni nokunganakwa kwabantu abahluphekayo nasezifeni ezaziwumbulalazwe ngaleso sikhathi. Manje yisikhathi sokuthi sonke sibhekelelane njengoba isimo siya ngokuba sibi, akuphele ukuba ngogombela kwesabo kubantu abakuhulumeni. Emhlabeni wonke manje hhayi nje kuleli kuphela, kumele kuphele ukuthi kukhona omkhulu kunomunye asilinganeni, le ngoma igxile kulokho,” kuchaza uMabusha.
Umngani omkhulu kaBra Hugh, uThandiswa Mazwai, uthe indlela okuyiyona emhlabeni kuyaphoqa kunoma wubani ukuthi aphume enze into engaba wusizo kwabanye.
“Ngesikhathi ngiyizwa okokuqala le ngoma sesiyiqedile, ngezwa sengathi umyalezo okuyo yiwona okumele kwamina ngiwulandele. Ikwenza ulokhu ufuna ukwenza okuhle ikakhulukazi emiphakathini ehluphekile. Uthando uma singakhombisana lona kuningi okungashintsha emhlabeni. Yilokho le ngoma ekuqukethe ukuthi sikhombisane uthando. Uma singawulalela kahle umyalezo wale ngoma impela singaba yimbumba,” kuchaza yena.
Uphethe ngokuthi manje yisikhathi sokuthi sicabange ngenye indlela, zibuyele emasisweni ukuze kuqhanyukwe namaqhinga okuthi umhlaba yini engenziwa kuwona ukuze kube noshintsho.
Abanye abaculi abakhona kule ngoma nguJ Something weMiCasa noVusi Mahlasela.