UTHATHE elinye igxathu umkhankaso woMnyango wezeMpilo eNingizimu Afrika nesilomo somculo sikamaskandi, uKhuzani “Indlamlenze” Mpungose, wokugqugquzela abafana ukuba basoke.
Ngale mpelasonto uKhuzani nembongi yaseMpophomeni eHowick, uSiyabonga Mpungose, bebeqopha i-video yengoma yabo esihloko sithi Soka Ndoda eWushwini Art Centre KwaNgcolosi. Le ngoma iqoshwe ngo-2017 yethulwa ngokusemthethweni KwaMuhle Museum, eThekwini.
Echaza uKhuzani uthe inhlosongqangi wukukhuthaza amabhungu ukuba aphume ngobuningi bawo ukuyosoka ukuze aphephise impilo yawo. Kuyo le video kubuye kuvezwe ingxenye yabalandeli balo mculi, ababizwa ngeZindlamlenze nangeBlue Nation, okungoLungelo Msizi, Sbusiso Lushozi, Khulekani Chiliza, Njabulo Mabaso, Sphesihle Nduli, Sphamandla Mgenge, Sabelo Mhlangu noNomusa Ntombela. Isiqephu sabalandeli siqoshelwe eStudio 031, eStation Drive, eThekwini.
Le video kulindelwe ukuba ikhishwe kulo nyaka futhi idlalwe eziteshini zethelevishini.
UKhuzani uthe okumjabulise kakhulu ngale video wukuthi yenziwe ngokusezingeni elicokeme futhi iqhakambisa imvelo nendawo yasehlanzeni. NoSiyabonga, oyomela elakuleli e-Ukraine, akawuvali umlomo ngezinga labathwebuli.
“Nendlela ebiqondiswa ngayo le video izokwazi ukudlulisa umyalezo. Nokuhlanganiswa kwenkondlo nomculo kamaskandi kusho lukhulu,” kuchaza uSiyabonga owaqala ukuduma ohlelweni lukaDudu ‘Lady D’ Khoza oKhozini.
Ngaphandle kwalo mkhankaso, uKhuzani ubuye abe yinxusa lomkhankaso wokuqwashisa abantu abasha, iShow Your Number, nelezimpahla zokugqoka zakwaJonathan D.