SELUQINISEKISIWE uhla lwabaculi abazoshiyelana inkundla emcimbini Umlazi Jazz Festival ezoba seKing Zwelithini Stadium ngoNovemba 2.
Kuzoba ngokwesithathu lo mcimbi ukhuza ibuya.
“Kule minyaka emibili edlule besingenabo abaxhasi manje abaxhasi bethu abakhulu wuMasipala weTheku nophiko lwezokuvakasha,” kusho umsunguli wawo uNje Buthelezi.
Uthe yingakho benyuse izinga ngoba bafuna umcimbi udlondlobale.
Uthe phakathi kwabaculi abazoshiyelana inkundla ngoTsepo Tshola, Thandiswa Mazwai, Judith Sephuma, Bongani Nkwanyana, Tutti Grooves, Comtech High Jazz Band, Lita, Khuzani, Mondli Ngcobo, Lihle Ngongoma nabanye.
“Kukhona noSjava noMlindo The Vocalist abazojabulisa abantu abasha,” kusho uNje.
Uthe oDJ ngoMsizi Shembe, Siyanda, Muntu Master Blaster nabanye. Uhlelo luzophathwa nguFelix Hlophe, Mandla Mdletshe, Collen Zondo, Heazy noZola Zeelovin.
“Kumele kucace ukuthi siyakhula yingakho sithe ukuqinisa uhla lwabantu abazonandisa.”
Uthe amathikithi aseqalile ukutholakala eComputicket ngoR200, R300 iGolden circle kuthi iVIP ibe nguR500.
“I-VIP sithe asiyehlise ingabi uR1 000. NgoR500 abantu bathola ukudla nokuhlala endaweni engcono bese beyazithengela iziphuzo.”
Uthe umcimbi uzoqala ngo-12 emini kuze kube wu-3 entathakusa.
Abantu bavumeleke ukuphatha ama-coolerbox angenawo amabhodlela nama-camp chair. Izindawo zokosa zizobe zikhona.