NGEMUVA kwezinyanga kunemibuzo ngobudlelwano babalingisi bakuleli abadumile, ngempelasonto bagcine bevumile ukuthi bayathandana.
UVuyolwethu Ngcukana odume ngelikaSchumaker emdlalweni owuchungechunge kuMzansi Magic, iThe Queen nentokazi esilingise emidlalweni eminingi okukhona kuwo nosanda kuphela i-Unmarried uRenate Stuurman, baqede ukuqagela kwabaningi.
Laba bafake isithombe sabo bobabili enkundleni yokuxhumana uTwitter beyodla isidlo sasebusuku.
UVuyolwethu ube esebhala ukuthi ube nobusuku obumnandi nomuntu amthandayo.
“Sibuvala ngale ndlela ubusuku obumnandi, kube usuku oluhle,” kubhala le nsizwa yafaka izithombe ezihlotshiswe ngezinhliziyo.
Iningi libahalalisele laba bobabili ngisho osaziwayo okukhona kubo uDineo Moeketsi olingisa indawo kaKeabetswe kwiThe Queen, Miss Pru onguDJ nomculi uWanda Baloyi bababongele bathi bayafanelana.
UVuyolwethu enkundleni yokuxhumana u-Instagram ubejwayele ukufaka izithombe zale ntokazi kodwa eyibiza ngomngani wakhe.
Isolezwe lake lahlangana nalaba ngesikhathi kwethulwa uhlelo lomdanso iDancing with the Stars, eGoli ezinyangeni ezedlule.
Ngesikhathi bobabili bebuzwa ngamahlebezi uVuyolwethu wavele wahamba, uRenate wanxusa intatheli ukuthi baxoxe ngomdlalo alingisa kuwo i-Unmarried.
“Kungcono sixoxe ngokuba kwami emdlalweni i-Unmarried. Uyabona ukuthi iqale ngegiya eliphezulu kanjani? Ngithemba ukuthi nabantu bazoyithokozela,” kusho uRenate owayezama ukungakhulumi ngamahlebezi okuthandana kwabo.