YIZE uNeliswa Zulu engakafuni ukukhuluma ngokwaholela ekutheni avule icala kodwa ugcine elihoxisile elokushaya abelivulele uBabes Wodumo Tipcee noNondumiso Simelane.
Laba baphume enkantolo bejabule imantshi ibatshela ukuthi icala labo liphelile.
Izihlathi bezivakashele izindlebe bephuma, kucacela noma ubani ukuthi bagajwe yinjabulo.
UNeliswa wabavulela icala lokushaya ngemuva kokuvela kwezindaba zokuthi bamshaya walimala ngoba esabalalise i-video kaBabes ezihlalele nabangani bakhe yize umndeni wakhe wawuthe usesibhedlela. Emasontweni amabili adlule imantshi yanxusa laba ukuthi bahlale phansi baluxoxe udaba njengoba sebethathe isinqumo sokuthi baluhoxise.
Leli cala libe nezinxushunxushu liqala abamangalelwa bengafikanga enkantolo.
UTipcee wathi akaphumelelanga ngenxa yokugula ngosuku lokuqala.
UBabes nodadewabo bathi bafelwa yimoto bagcina bengafikanga enkantolo.
Imantshi yabadonsa ngendlebe ukuthi uma beke benza iphutha elifanayo bazoboshwa.
Kodwa ngisho sebebuyela okwesibili kwaba esifanayo izelamani zakwaSimelane zaphinde zathi bezifelwe yimoto.
Imantshi yabayalela ukuthi bathathe i-Uber noma iTaxify uma beza enkantolo.
Ngeledlule lihlehla icala laba baphuma bashaya ivosho ngaphandle kwenkantolo.
Isolezwe lizama ukuxhumana nabathinteka kuleli cala kabatholakalanga, izingcingo zabo bezikhala zingabanjwa.