UPHROJUSA womculo weHouse uDJ Fisherman ukhala ngokulahleka kwesinkwa sabaningi uma kuvalwa umculo kaMampintsha emsakazweni.
UFisherman uzidonsele amanzi ngomsele ebhala umbono wakhe ngodaba lokuvalwa komculo kaMampintsha, oshaye amaculo namaciko okubalwa kuwo uDanger (Big Nuz) R. Mashesha (Big Nuz) Babes Wodumo, kanye naye uqobo. Uthe ukuvalwa kwalo mculi osolwa ngokushaya uBabes, kuzolimaza abaningi asebesebenze naye abangathinteki kwisenzo sakhe.
“Ukuvalwa kukaMampintsa kuchaza ukuthi sibaphuca ukudla bonke abantu ababheke kuyena. Ngeshwa yiqiniso okumele sibhekane nalo leli. Sidinga izazi ngempela ukuthi sithole isisombululo ngoba udaba olubucayi lolu kanti imiphumela yalo ithinta abaningi”, kuloba lo DJ kutwitter.
Silencing Mampintsha means taking away food from all the people that depend on him. These are sad reality we have to deal with. We really need to call upon experts to find us solution because this is an extremely sensitive issue n the repercussions do a ripple effect. https://t.co/2b4WcmuZPo
— Fish (@dj_Fisherman) March 11, 2019
Komunye umbhalo kuFacebook uFisherman uthe wonile uMampintsha ngakwenzile wabe esebuza nakhona ukuthi ikuphi okungenziwa ukuthi abhekane nemiphumela yesenzo sakhe ngaphandle kokulimaza abantu asebenze nabo abangabonakali emehlweni abantu emphakathini.
“Abantu sebeke banaka yini ukuthi ukuvala umculo kaMampintsha kuyafana nokuvala okaBabes? Kumaculo amaningi kaBabes upike uMampintsha. Ukuvala uMampintsha kuchaza nokuthi bonke ophrojusa nabahleli bomculo asebenze nabo bazovalwa balambe. Abantu abamsulwa bazobona umsebenzi wabo ushabalala,” usho kanje.
I just want to find out your view on this. pic.twitter.com/aXlPaShzJN
— Fish (@dj_Fisherman) March 11, 2019
Umbhalo wakhe uhambisane nengxoxo ye-email ephakathi kwakhe nenkampani esabalalisa umculo emazise ukuthi ngeke ikwazi ukusabalalisa umculo wakhe ngoba kuneculo elinoMampintsha. Le nkampani ithe ingaqhubeka iwusabalalise umculo wakhe uma elikhipha leli culo elinesihloko esithi Glama, apike kulo uDJ Bongz, Efelow, noMampintsha.
Okhulumela iGagasi FM, uKhulekani Shandu uthe benza inhlolovo bebuza abalaleli babo ukuthi isiteshi siqhubeke yini nokudlala umculo kaMampintsha.
“Siyaqhubeka nokuwudlala umculo wakhe. Senza inhlolovo nabalaleli eyasikhombisa ukuthi ngaphezu kwakho konke okwenzekayo abalaleli bethu abasiboni isidingo sokuthi ungabe usadlalwa umculo kaMampintsha emsakazweni,” usho kanje.
FUNDA:
Imizamo yokuthola okhulumela iSABC, uNeo Momodu ayiphumelelanga ngaphambi kwesikhathi sokushicilela.
UMampintsha noBabes bavulelane amacala okushayana ngesonto eledlule kulandela ivideo eyafakwa nguBabes ku-Instagram imveza eshaywa uMampintsha abethandana naye.
Kubikwa ukuthi lawa maciko asehlukene kulandela izigameko zakamuva.