SIDIDE abaningi isihlabani somculi wase-USA sitshela abalandeli baso kuTwitter ngolwimi lwesiZulu ukuthi siyabathanda.
UKeyshia Cole wodumo lwengoma ethi Heaven Sent utshele izinkumbi zakhe lokhu ngoLweibili.
Ubhale wathi: "Hi everyone ... Ngiyakuthanda !!! ngiyabonga ngokungilandela,"
Iningi labantu abasiqondayo isiZulu babe nokudideka bazitshela ukuthi kungenzeka ukuthi ikhasi lakhe liqoliwe.
Omunye wabalandeli bakhe umbuzile lokho kodwa waphendula wathi : “Lol. Cha! Angiqoliwe
Yini esihogweni okhuluma ngayo.”
Hi EVERYONE ... Ngiyakuthanda !!! ngiyabonga ngokungilandela❤️
— Keyshia Cole (@KeyshiaCole) May 7, 2019
I’m not hacked. I just kno what’s up. https://t.co/YXi83t46Jh
— Keyshia Cole (@KeyshiaCole) May 7, 2019
All facts!!!! I can’t wait to come back there! Yeeeeeees!!!! https://t.co/UU3GdL18Zk
— Keyshia Cole (@KeyshiaCole) May 9, 2019
Lokhu kujabulise abaningi kuleli. Abanye bamtshele ukuthi nenxa yesenzo sakhe bazomnika igama lesiZulu.
“Kusukela namhlanje igama lakho usunguKhanyisile Cele,” kusho umlandeli kaKeisha. Omunye uthe igama likaKayise limfanele nalo.
Bekungaqali ukuthi kube nomculi wase-USA obhala ngolwimi lwakuleli. Ekuqaleni konyaka uTevin Campbell ubhale ngesiTswana etshela abalandeli kuTwitter ukuthi babe nobusuku obuhle, balale kahle. UJill Scott watshela abalandeli bakuleli ukuthi uyabathanda, ebhale ngaso isiZulu.