UJIKIJELWE ngebhodlela likabhiya enandisa uDJ Tira emcimbini obuse-University of Venda, eLimpopo entathakusa yangoMgqibelo.
UTira uthwale kanzima emcimbini, i-All Black Party eqale ngoLwesihlanu yaphela ngoMgqibelo.
Nakuba singaziwa isizathu sokushaywa kwakhe ngebhodlela likabhiya kodwa yena uthe usola izinkinga zezitshudeni zangaphakathi.
“Angazi ngempela ukuthi bengishayelwani. Ukhuluma nami nje ngiyogibela ibhanoyi ngibuyela eThekwini ukuze ngibonane nodokotela. Ngishayeke ngaphansi kweso, kubuhlungu,” usho kanje.
Uthe uphatheke kabi ngokwenzekile futhi kumthusile ngoba ubengalindele ukuthi kwenzeke into efuze leya.
Kwi-video efakwe uDJ Tira kuTwitter, uvela ngesikhathi ematasa ephendula amapuleti, edansa eshona evumbuka ebe edlala ingoma kaDJ Clock epike uShisaboy ethi Ngomso.
Kule video eyimizuzwana engu-30, kubonakala ibhodlela lishwibeka livela ezihlweleni liqonde ebusweni bukaTira.
Lesi sikhulu sase-Afrotainment sivika sigoqane. Kubonakala lishaya ideski asebenzela kulona kabi maqede liyoshayeka phansi.
KuFacebook wakhe uTira ubhale wathi: “Ngishaywe ibhodlela ngesikhathi nginandisa e-University of Venda ekuseni. Lesi kube yisigameko esingithuse kakhulu.
“Ngeke ngisazishutha izithombe, niyazi nani ngeke nithande ukubona ubuso obunesibazi.”
Ezinkundleni zokuxhumana kunabaveze izinsolo zokuthi kube yimbangela yomdonsiswano phakathi kwezinhlangano zezitshudeni
ngaphakathi kulesi sikhungo njengoba kukhona abebengahambisani nalo mcimbi.