UDINEO Moeketsi nesoka lakhe, uSolo abashade umshado omhlophe ngoMgqibelo eGoli
AKUPUTSHUKANGA ngisho nesisodwa isithombe somshado ngesikhathi kugcagca umlingisi weThe Queen, uDineo Moeketsi olingisa indawo kaKeabetswe Khoza, obophe ifindo likasofa silahlane nesoka lakhe elingumrepha, uSolo.

UDineo kuvele ukuthi ushade ngoMgqibelo, eThe Kitchen L’antico Giardiono, eLanseria, eGauteng.

Osaziwayo abaningi bebelokhu bezifakile izithombe zabo njengoba bebekhona emcimbini.

Laba imicimbi eminingi ethinta umshado wabo bebeyenza ngasese njengoba umshado wabo wesintu wezwakala kwabaningi sewedlule ngonyaka odlule.

Osaziwayo beThe Queen abasabonakala manje kulo mdlalo nabanye asebashiya kuwona bebehambele lo mcimbi.

Kubona bekukhona uMo Setumo, Fezile Makhanya, Rami Chuene, Thando Thebethe, Kwesta nonkosikazi wakhe uYolanda, Nomuzi Mabena, Kid X nabanye.

Laba bese kuneminyaka kunamahlebezi okuthi sebeshadile kodwa bengasho lutho ngalawo mahebezi.

Emicimbini emikhulu nemincane kuleli laba bahlala behamba bobabili njengoba uthando lwabo bebengalufihlile.

Isolezwe like laba nengxoxo nale ntokazi kodwa ayiyiphathanga eyokuthi isezinhlelweni zomshado. Kodwa iveze ukuthi isezinhlelweni zokuqala ilebuli yabo yezimpahla ngenxa yokuhlala begqoke kahle.

UDineo waveza ukuthi abakazi noma bazozithungela bona izimpahla noma bazoba nesitolo esizodayisa kuphela.

Abantu bakuleli bababongele ngokubopha ifindo likasofa silahlane.