ABACULI bokholo uThinah Zungu noJumbo Nyangiwe, bathi bayawathemba amaqembu abo azotholana phezulu emqhudelwaneni weNedback Cup, ozobanjelwa eMoses Mabhida ngoMgqibelo.
UThinah othi yena uhamba nezimnyama, uthe akafuni ukukhuluma kakhulu ngoba uyazi ukuthi bazowina kalula kulo mdlalo.
“Indlela esidlala ngayo kamuva nesiguqise ngayo yona iChiefs ngesonto eledlule iyakhombisa, ngokusobala ukuthi namanje sizozidlulela kalula eMabhida ngoMgqibelo. Nginxusa abalandeli abangawatholanga amathikithi ukuthi behlise imimoya zikhona izindawo koMasipala ezivuliwe abantu abangahamba beyohlanganyela kuzo ukuze bajabule,” kuchaza uThinah.
UJumbo uveze ukuthi yize sebephoxeke kakhulu bengabalandeli beziMpofana kodwa unalo ithemba ngomdlalo wangoMgqibelo.
“Angazi ngempela kukhona ithemba elincane enginalo ngalo mdlalo ukuthi nakanjani iMpofana izonqoba, Nabalandeli ngiyafisa babe nethemba njengami ukuze konke kusihambele kahle ngoMgqibelo. Ngizohamba emazwini akhe uThinah ukuthi njengoba oMasipala belungisa izindawo zokujabulela lo mdlalo, abantu bangasusi uthuthuva ngaphandle kwenkundla njengoba sizwa lowo msindo kodwa bahambe baye kulezindawo bayobuka kuzo ibhola.
OMasipala abahlukene nezindawo zobumandi eThekwini kulindeleke ukuthi zibambe imicimbi ehlukene ukwamukela abalandeli abayobuka kuzo umdlalo.
EMlaza kwaMax, kulindeleke ukuthi abazohambela khona bajatshuliswe abaculi okukhona kubo iDistruction Boyz, DJ Lee, Snake, Kai Kai nabanye.
Uhlelo luyobe luphethwe uSizwe Mdlalose.
IMaVundla Media kulindeleke ukuthi ibe nomcimbi la izojabulela lo mdlalo nabalandeli bebhola ezoba se-At The Lake, eThekwini.
Abalingisi bomdlalo Ushaka-Ilembe uThembinkosi Mthembu, noWiseman Mncube, baveze ukuthi njengoba lo mdlalo uza eThekwini bazoyojabula nabalandeli eDesoufeng Lifestyle, eSoweto, ngoba inhloso yabo kuwukuthi bahlangane nabalandeli bala maqembu edolobheni okusuke kungabanjelwe kulo umdlalo.