OWAYENGUMETHULI wezinhlelo ze-1KZN TV, uNondumiso “Dumo” Cebekhulu udlala indawo kaQhikiza emdlalweni weshashalazi iHlala Ngentombi Isithombe: SITHUNYELWE OWAYENGUMETHULI wezinhlelo ze-1KZN TV, uNondumiso “Dumo” Cebekhulu udlala indawo kaQhikiza emdlalweni weshashalazi iHlala Ngentombi Isithombe: SITHUNYELWE
BAFUNA ukufaka izwi labo ekulweni nama-blesser abadidiyeli bomdlalo weshashalazi ogqugquzela ukuziphatha kwabesifazane iHlala Ngentombi ezoba seMbizo Conference Centre, eMpangeni, ngoJuni 29.
Umdidiyeli womdlalo uWellington Makwakwa weKing Cetshwayo Theatrical Society uthe, ukwanda kwesibalo samantombazane akhulelwa esemancane nokusabalala kwezifo ezithathelana ngocansi yikho okuholele ekutheni basungule lo mdlalo.
“Inhloso yomdlalo ukujabulisa abantu nokubafundisa futhi uthumele umyalezo oshubile wokuthi azithibe. Ukhuluma ngobungozi bokuzibandakanya nocansi besebancane nokuxwayisa amadoda amadala alandela amantombazane amancane,” kusho uMakwakwa.
Umdlalo ulandela intombazane esencane yasemakhaya uHloniphile oshiya ikhaya nesoka lakhe elingumculi osafufusa ilandela elinye isoka. Wephucwa ubuntombi yisoka lakhe elinemali kodwa ngemuva kwesikhathi uyabona ukuthi alizimisele ngokwakha ikusasa naye kodwa belilawulwa yinkanuko.
Umdlalo ubophele imbongi uMbali MaGcwabe Mkhize, Nondumiso “Dumo” Cebekhulu, Dlozi Nene nabanye.
Uzobe uhlanganisa umculo nomdanso kwesintu.
UMakwakwa uthe umdlalo uzokhonjiswa ubusuku obubodwa kusukela ngo-7 ebusuku. Amathikithi atholakala emnyango ngoR100.
“Siyafisa ukuthi umdlalo ungagcini eMpangeni kodwa uhambele nakwezinye izindawo njengasezikoleni. Inkinga nokho wukuthi asinayo imali, yonke into iphuma kimi. Sizobona kodwa ngokuqhubeka kwesikhathi ukuthi akukho yini okuhlanganayo,” kuchaza uMakwakwa.