ABALINGISI abengeziwe bomdlalo wethelevishini owuchungechunge nogenqeza phambili kuleli ngesibalo sababukeli abangu-10.2 million wakuSABC1, Uzalo, bakhala ezimathonsi ngokungaholelwa.
Laba balingisi, abacele ukuba kugodlwe amagama abo ukuze bagweme ukuba yimigilwa yokukhishwa inyumbazane, bathi sekubame emphinjeni ukuxhashazwa ngabaqashi babo iMizen Casting Agency kaZodwa Zuma.
Omunye wabo uthe wagcina ukuhola ngo-Okthoba.
“Sengilingise eziqeshini eziningi kabi kodwa kuze kube yimanje angikawutholi umholo wami.
"Okubuhlungu size siboleke izimali komashonisa uma siyoqopha ngoba sinethemba lokuthi sizokhokhelwa kodwa sigcine singaholelwanga.”
Omunye uveze ukuthi uma kuqoshwa bangena ngo-5.30 ekuseni baze bashayise ebusuku ngabo-9 ebusuku.
“Thina asiholi ngokuvela esiqephini kodwa sihola uR180 ngosuku. Akukhathaleki ukuthi ushuthe eziqeshini ezingaki kodwa unikezwa ngosuku le mali. Kuhlula ngisho kunalapho ukhulume khona kodwa unikezwa lo R180.”
Umthombo wesithathu uthe:
“Siyahlukumezeka, sisebenza sihole imali engaphelele okanye singayitholi, kuthiwe kulindwe abakhiqizi iStained Glass. Siyacela ukuba sikhokhelwe wona lawo makinati.”
Ethintwa uZodwa uthe yena uyakujabulela ukwaziswa ngezinkinga ezibhekene nalaba balingisi ababizwa ngama-extras.
“Lolu daba lusemqoka kithina njengenkampani. Amalungu ethu akhokhelwa njalo njengoba esuke esebenza. Uma kunomuntu okungenzeka ukuthi usala ngaphandle futhi ongakhokhelwe, nanganoma yisiphi isizathu, sifisa ukuba eze emahhovisi ethu ukuze silungise lolu daba.”
Uqhube wathi asikho isizathu esingabangela ukuthi agweve nemiholo yabantu abasuke beyisebenzele.
“Wonke umuntu usemqoka. Amahhovisi ethu ahlala evuleliwe,” kuphetha uZodwa.
Nakuba uZodwa ekhuluma kanje kodwa abalingisi bathe usenga ezimithiyo.
“Wazi kahle ukuthi asiholile futhi ubelokhu ethi iSABC abalukhokhele Uzalo.
"Ubelokhu ethi asilinde uzokhokha, kwaze kwaphela izinyanga ezintathu. Ufuna sithi sizokhuluma ngale mali emahhovisi, bafike babone ukuthi yibaphi abalingisi asebemneke ephepheni,” kuphetha umthombo.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela njengoba abeStained Glass bethunyelwe imibuzo bangaphendula kwaze kwashaya isikhathi sokushicelela.
Kwenzeka lokhu nje abalingisi abaqavile boZalo bake babeka phansi amathuluzi nyakenye ngenxa yokungaholi ngo-Agasti. Inkinga yayikhonjwa kwiSABC.
Kuke kwavela nokuthi kunabalingisi abashiya phansi kulo mdlalo ngoba bengenelisekile ngamaholo okubalwa kubo noLeleti Khumalo, Sifiso Simamane nabanye.