BAHLUKENE phakathi abalandeli baZodwa Wabantu ezinkundleni zokuxhumana ngenkulumo yakhe ngabathandana nabobulili obufanayo.
UZodwa Wabantu uziqhathe nabanye babalandeli bakhe ngemuva kokubonakala ohlelweni lwakhe ethi yena akancintisani nabesilisa abathandana nabobulili obufanayo ngoba yena unenanazi bona abanayo.
Kuqalwe umkhankaso we-petition wokuthi luvalwe uhlelo lukaZodwa i
ngenxa yale nkulumo ayenza esiqeshini sakamuva. NgoLwesibili abaseka uZodwa nabo baqale owabo umkhankaso ezinkundleni zokuxhuma okhuthaza ukuthi lungavalwa lolu hlelo oluvela kuMoka Love.
Twitter, Inc: Save Zodwa Wabantu's Show on Moja Love TV - Sign the Petition! https://t.co/um1M3FOwLi via @Change @TakaTina1
— Menelisi Mqilingwa (@menelisimqiling) July 9, 2019
Ofake le petition uthe igama lohlelo lukaZodwa lilodwa nje likubeka kucace ukuthi lunezinto okungenzeka zingehli kahle kwabanye, yingakho libizwa nge 'uncensored'. Abanye abalandeli bakhe ezinkundleni zokuxhumana bamuvikele bethi empeleni ukhuluma iqiniso uZodwa, 'akushoyo ubengakusho ngenzondo.'
FUNDA:
Ohlelweni uZodwa uzwakale ethi: "Inkinga yezitabane ukuthi bazitshela ukuthi banenanazi, kodwa banomphambili. Thina sinenanazi. Siyabemukela nje ukuze uma sifaka imikhiqizo yokuziphaqula nabo bayifake noma futhi sixoxa ngamadoda nabo baxoxe," kusho uZodwa.
Ethintwa yiSolezwe ngalolu daba uZodwa ukugcizelelile ukuthi inkulumo yakhe ubeyibhekise kumngani wakhe othandana nabobulili obubodwa owamebela izimpahla zakhe. Unxuse abantu ukuthi babuke uhlelo lwakhe bayeke ukuphawula ngezinto ezenzeka empilweni yakhe.