UMCULI kamaskandi uMthandeni ‘Igcokama Elisha’ Manqele ubashiye behlukene phakathi abalandeli bakhe nge-albhamu entsha eyethe igama elithi ‘Dog Style’.
UMthandeni uveze lokhu emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana kanti ushiye iningi labalandeli bakhe lihlukene phakathi ngalesi sihloko, abanye bathi siyinhlamba abanye bemncoma ngokuba yingcithabuchopho. Bathe ubazi ukuthi leli gama lizokhulumisa abantu bese iyamaketheka i-albhamu.
Ngaphambi kokuthi adalule igama le-albhamu uMthandeni bese kunesikhathi ethi abantu abaqagele igama layo.
Ube esefaka ivideo ememezela igama le-albhamu waveza nokuthi uza eWorkshop eThekwini uzoyethula.
“Bafowethu ngizobe ngiseThekwini eWorkshop ngoMgqibelo, zitholele iDog Style bukhoma phambi kwababukeli ngoR80 nje kuphela. Zonke izinkumbi zabalandeli bami zizobe ziphelele,” kusho uMthandeni othe ngemuva kokwethula le-albhamu uzodlulela ePlayhouse lapho eyokweseka khona imbongi uKwazi Nsele onomdlalo weshashalazi okhonjiswa khona.
View this post on Instagram
Quuuuuuuuu......zashaaaaaa..😂😂😂😂😂😂😂 sesiyodibana ngoMgqibelo ethekwini eGoli ngesonto shap 👍
A post shared by Mthandeni Manqele(@igcokama_elisha) on Apr 11, 2019 at 10:04am PDT
Ephawula ngegama le albhamu omunye umlandeli u-@mfana_wegqom uthe: “sengilindele ukuzwa uTshatha noZimdollar bebiza isihloko sale-albhamu emoyeini...kodwa nkunzi ngempela zishaphi ngesihloko esinje mfowethu?”
U@xolaningubi uthe: “...mina ngiyazi le ngoma ayisho lento abantu abayicabangayo. Kufuneka lokho ke umu ungumculi uhlale uqhamuka nento entsha abantu abazosale beyxaka ngayo befuna ukwazi ukuthi uqondeni uma usho kanje, ngyabonga mina.”
U-@thembelanimajola uthe: “Nithini kubantu abadala ngempela? Izovunywa odwa oKhozini le?
U-@thembokuhlemanzini yena uthe: “Kungcono istayela sezinja ngoba lengoma izoculwa nayizingane.”
Omunye u-@benedictngwenya uthe: “Ake silungise IsiNgisi. Umkhuba lo eniwucabangayo akusiyo iDog Style, kuthiwa yiDoggie Style noma Doggy Style. Ukuthi Dog Style uzokuthola kwiCD ukuthi kuchazani.”